
I-Orlando Pirates isimdayise buthule ‘ohluleke’ ukungena esikimini
I-Orlando Pirates seyidayise omunye wabadlali bayo obekubhekwe lukhulu kubo ngesikhathi besayinwa ngaphambi kokuqala kwesizini.
Leli qembu laseSoweto lisayine abadlali abangaphezu kweshumi ngoJuni okukhona kubo noSinoxolo Kwayiba.
Ngesikhathi abanye babadlali abasha besheshe bajwayela kwi-Orlando Pirates futhi baba nomthelela eqenjini linqoba izindebe ezimbili, uKwayiba ubengakangeni eqenjini.
Bekusabhekwe ukuthi athole ithuba lakhe, kodwa ngemuva kokusayina u-Andre de Jong obekwiStellenbosch FC, ibe seyimdayisela iChippa United.
IPirates iqinisekise ukufika kuka-de Jong ngoMsombuluko ekuseni njengoba beyiqala amalungiselelo omzuliswano wesibili wale sizini.
IChippa, ezinze e-Eastern Cape, imemezele ukubuya kwakhe esitatimendeni esikhiphe ngoMsombuluko ntambama.
“IChippa United FC inenjabuli ukwamukela uSinoxolo Kwayiba, osephinde wajoyina iqembu ngenkontileka yeminyaka emithathu.
“Lokhu kwenza ukubuya kwakhe kube ngokonomphela. UKwayiba ubuyela ekhaya ngesikhathi esibalulekile kwiChippa United.
“Sikholwa ukuthi uzoba nesandla ekusisizeni ukuthi sibuyelwe umgqigqo nokubuyisa ukuzethemba esifundazweni.
“Iqembu lifisa ukubonga i-Orlando Pirates ngokusebenzisana kwayo nalo ukuqeela lesi sivumelwano,” kusho iChippa esitatimendeni.
UKwayiba ungumdlali wesibili ojoyine iPirates kubhekwe lukhulu kuye kodwa wafike wahluleka.
FUNDA NALA | I-Afcon isimuncu kuleli, kodwa iyaqhubeka
Ngaphambi kwakhe kwakungu-Azola Matrose owayesemncane futhi ebukeka enekusasa eliqhakazile kodwa wehluleka eSoweto.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
