
Ubalisa ngokushiywa insika yakhe uJose Riveiro
– Sibongiseni Gumbi
Bese besebenze iminyaka emihlanu ndawonye uJose Riveiro noSergio Almenara njengoba leli phini lakhe selishiyile nje kwi-Orlando Pirates.
Leli qembu limemezele ngoMsombuluko ukuthi u-Almenara ucele ukukhululwa ngoba enenkinga anayo ekhaya, edinga abe seduze nomndeni.
Ekhuluma kwiRadio 2000 ngoMsombuluko, uJose Riveiro uveze ukuthi yinto abesenesikhathi eyazi ukuthi liyahamba iphini lakhe.
“Yinto engiyaze cishe ezinyangeni ezinhlanu noma eziyisithupha ezidlule,” kusho uRiveiro.
“Yinto yakhe, eqondene nayo lena. Ukuphela kwento engingayisho wukuthi ubengumuntu osisebenzelile lesi sikhungo (i-Orlando Pirates) kule minyaka emibili elapha.
“Ungumuntu osebenza ngokungakhathali futhi ufake okukhulu kulokhu esikuzuzile kule minyaka emibili sindawonye.
“Mina sekuyiminyaka emihlanu ngisebenza naye, usuku nosuku, ngakho sigcine sesingaphezulu kwabantu abasebenza ndawonye – singumndeni.
“Ngakho kunzima kimi ukucabanga ikusasa ngaphandli kukaSergio, kodwa ngiyaziqonda ngokugcwele izizathu zakhe futhi ngiyameseka.
“Kwazi bani vele, mhalwumbe siyophinde sisebenze ndawonye ngelinye ilanga.
“Kodwa okwamanje owami umsebenzi uselapha kwiPirates futhi sizozithola izixazululo, ngeke kube yinkinga engako (ukuhamba kwakhe).”
IPirates kumanje isemkhankasweni wokutholela uJose Riveiro elinye iphini elizovala isikhala sika-Almenara.
ILisenethini isike yabika ukuthi u-Arthur Zwane, oke waqeqesha iKaizer Chiefs ngomunye wabaqeqeshi okubhekwa kubo.
OLUNYE UDABA: OweStellenbosch uphawula ngokufunwa amakhulu
UZwane kumanje use-Ireland lapho enza khona iziqu ze-Uefa Pro License, okuyizona eziphezulu kwezokuqeqesha njengamanje.
