Bafana BafanaEzintsha

OweStellenbosch uphawula ngokufunwa amakhulu

Kunamahlebezi okuthi amaqembu amakhulu kuleli, i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns azibhekile ku-Iqraam Rayners we-Stellenbosch FC. 

U-Iqraam Rayners ugile izimanga kwi-Stellenbosch kulamasizini amabili edlule, ekhombisa ukuthi ukudabula inethi anakufuniseli kodwa unekhono lakho.

Indlela enze ngayo seyiphoze nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukuthi agcine emfakile eqenjini lakhe.

Kumanje usekhempini neBafana njengoba ilungiselela ukudlala neNigeria neZimbabwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026. 

Ukhulume nabezindaba ngoLwesibili ngesikhathi esekhempini yeBafana, wabuzwa ngekusasa lakhe njengoba kuthiwa ufunwa eGauteng.

“Angikazi lutho (ngalokho) okwamanje,” kusho u-Iqraam Rayners oshaye amagoli angu-14 kwiDStv Premiership. 

“Angikacabangi lutho ngalokho, ngizocabanga ngakho uma sengiqedile ngekhempu yeBafana – ukuthi kuzokwenzakalani. 

“Kodwa kumele ngibuyeke kwiStellenbosch, ngakho noma yikuphi okuzokwenzeka ngami, ngizojabula.

“Kodwa kuqala kumele ngigxile eqenjini lami, ngikhulume nabaphathi ngoba uma kukhona iqembu elingifunayo, yibona abazokwazi ngalokho.

“Ngaphambi kokuthi ngibe nengizokusho ngamaqembu angifunayo, kumele ngibuze bona kuqala ukuthi isimo sabo sinjani ngoba ngisanenkontileka ne-Stellenbosch.”

Uma ehlala kwi-Stellenbosch, uzoyodlala kwiCaf Confederation Cup njengoba leli qembu liphunyukwe yithuba leChampions League ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi. 

Nokho usangayidlala iChampions League uma kugcina kuba yiqiniso ukuthi iPirates iyamfuna njengoba izovulekelwa izikhala zabagadli.

Isivele imdedele uSouibou Marou waseCameroon kanti noKermit Erasmus kungenzeka ahambe. 

Ngaphezu kwalokho neSuperSport United kuthiwa iyibelesele iPirates ifuna iyinike uZakhele Lepasa. 

Noma egcina ephelela kwiSundowns, uzodlala kwiChampions League, kodwa uma eya kwiChiefs, uyoyizwa ngendaba. 

Okuqaphelekayo ngalo mgadli wukuthi useke wadlala eGauteng kwiSuperSport United kodwa wangakwazi ukubuyela ezingeni ayelikhombise kwiStellies.