EzintshaKaizer Chiefs

Ezintsha ngoKeletso Makgalwa ohalelwa yiChiefs

Lo mdlali oseqophelweni eliphezulu kuleli qembu umataniswa neKaizer Chiefs, kanti umqeqeshi uNasreddine Nabi kubikwa ukuthi nguye omhlonzile. 

Futhi uKeletso Makgalwa ubonakale evalelisa kwabanye bozakwabo, okuqiise amahlebezi okuthi kungenzeka uyashiya kuleli qembu.

Kodwa-ke, iFARPost ibika ukuthi abangaphakathi kuleli qembu laseLimpopo bayagcizelela ukuthi uMakgalwa usengumdlali obalulekile ezinhlelweni zabo zesizini ezayo. 

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ujoyine iSekhukhune United esuka kwi-Upington City FC ekuqaleni kwesizini ka-2024/25. 

Ubekade ene nesizini enhle kwiMotsepe Foundation Championship, lapho eshaye khona amagoli angu-11 wakhela ozakwabo ayisikhombisa.

Ngaphambi kokuvelela kwi-Upington City, uMakgalwa wazama waze wancama ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns. 

Ubolekiswe amahlandla eziningi emaqenjini okubalwa kuwo iMaritzburg United, iMoroka Swallows, iTS Galaxy, ne-All Stars.

Manje njengoba esefike wazinza kwiSekhukhune, uKeletso Makgalwa usebambe umgqigqo futhi nekhono lakhe lagqama. 

Ngesizini yakhe yokuqala kwiBabina Noko, ushaye amagoli ayisithupha, wakhela ozakwabo angu-11 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Ubuhlakani nobukhali bakhe uma kuhlaselwa indima enkulu ekusizeni iSekhukhune ukuthi iqede endaweni yesine kwiBetway Premiership.

Intshisekelo yeChiefs ayimangazi, ikakhulukazi ngemuva kwemibiko yokuthi uNabi ubonakale ekhuluma naye ngemuva komdlalo walamaqembu muva nje. 

Kodwa iSekhukhune ayizimisele ngokumdedela – hhayi njengamanje.

Leli qembu lifuna ukwakhela phezu kwabadlali abafana noKeletso Makgalwa isikwati salo ngesizini ezayo. 

Futhi njengoba inkontileka yakhe yeminyaka emithathu isasele nemibili, iSekhukhune akulula imdedele. 

Umlayezo wayo ucacile — uKeletso Makgalwa akayi ndawo.

Kodwa ke njengoba nasemdlalweni ibhola ligingqika, izinto zingashintsha noma nini nasemahhovisi abaphathi.