
IChiefs, iBucs baqhathwe kanzinyana, iDowns ilindile
IMamelodi Sundowns kuzomele ilinde isikhashana ukuze yazi imbangi yayo yomzuliswano wesithathu weNedbank Cup.
Lokhu kungemuva kokuthi iqhathwe neqembu elizonqoba emidlalweni emibili esazodlalwa.
Umdlalo weRoyal AM neMilford FC usazodlalwa ukuze kutholakale ukuthi ubani kubo ozodlala neSekhukhune United.
Ophumelele umdlalo phakathi kweRoyal AM noma iMilford neSekhukhune uzobe esedlala neSundowns kolandelayo.
IKaizer Chiefs iqhathwe nezitha esizijwayele futhi esizigingqe kabili kule sizini iStellenbosch FC.
IChiefs inqobe yomibili imilenze yeBetway Premiership phakathi kwayo naleli qembu laseKapa ngo 1-0 ekhaya nasekuhambeni.
Futhi manje kuzofanele ikwenze kube kathathu kulandelana uma ifuna ukuzogcina iphupho layo lenkomishi liphila.
IChiefs isemkhankasweni wokunqanda ihlazo lokuhamba amasizini angu-10 agcwele ngaphandle kwendebe.
I-Orlando Pirates nayo iqhathwe kanzinyana emzuliswaneni wesithathu njengoba ibhekene neSuperSport United elwa kanzima.
Omunye umdlalo uzoba phakathi kweqembu okuyilona loldwa elingaphandle kwePremiership, iDurban City neMarumo Gallants.
Izinsuku nezikhathi zomzuliswano olandelayo we-Ke Yona Ya Rona zisazovezwa esidlangalaleni yi-PSL engabahleli ngokuhamba kwesikhathi.
