
EleMFC lihlela ukushelwa olaxazwe yiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Sekuneqembu leMotsepe Foundation Championship okubikwa ukuthi likhombisa intshisekelo ngomunye wabadlali abalahlwe yiKaizer Chiefs ngesizini edlule.
ICasric Stars, yaseMpumalanga, kuthiwa icabanga ukuphuma inqina yokuyokweshela lo mdlali wasemuva obegijima kuMakhosi, uSifiso Hlanti.
UHlanti, oneminyaka engu-34, utholakala mahhala nanoma nini njengoba engenaqembu kusukela ashiya Amakhosi ekupheleni komkhankaso ka-2023/24.
Phambilini uke wamataniswa namakilabhu amaningi kuleli kodwa akukho osekufezekile okwamanje.
Njengoba uHlanti engasayina nanoma yiliphi iqembu, iCasric inethemba lokuthi izokwazi ukumhehela esigabeni sokuqala.
ICasric Stars iyiqembu elifuna ukuvelela futhi elibheke ukwenyukela kwiBetway Premiership kanti amava kaHlanti angase ayisize kulowo mkhankaso.
Njengamanje leli qembu laseMpumalanga lisendaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-12.
Balandela iqembu elizihola phambili, iMilford FC ngamaphuzu amahlanu njengoba seusele imidlalo engu-18 nje kuphele isizini.
Ngokusho kwe-iDiski Times, okwamanje akukho okusemthethweni okusuka kwiStars okutshelwe ikhempu kaHlanti ngalesi sifiso sayo.
Nokho kuthiwa ithimba labaqeqeshi le kilabhu liphakamise igama likaHlanti kulabo abafisa ukuqinisa ngabo.
UHlanti ubephakathi kwabadlali abaningi abadedelwe yiChiefs ekupheleni kwesizini edlule okubalwa kubo uKeagan Dolly noSiyethemba Sithebe.
