
Chiefs v AmaZulu: Kunobuso obusha nhlangothi zombili
Ukubonakala kwamagama abadlali abebengakadlali kule sizini ezinhlwini zeKaizer Chiefs naMaZulu FC sekunyuse isasasa lomdlalo walamaqembu.
Azobhekana emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
Lo mdlalo – obuvele ubhekwe ngabomvu – usungaphezu kwempi yamaphuzu amathathu womabili lamaqembu awadinga ngampela.
Amakhosi aholwa uMayo phambili
KwiKaizer Chiefs, kugxilwe kakhulu ekuhlaseleni, la uKhanyisa Mayo ebhekwe ukuqhubea nomgqigqo wakhe njengoba ashaya igoli edlala okokuqala ngesonto elidlule.
Lesi sihlabani somgadli yiso esizothwala umthwalo wokushaya amagoli, okuyindima abalandlei baMakhosi athembele kuyo ukuze bathole ukunqoba okubalulekile.
Nokho izindaba ezinkulu ezivela ekhempini yeKaizer Chiefs wukufakwa kuka-Ethan Chisslett ebhentshini okokuqala ngqa selokhu ajoyina leli qembu.
Abalandeli bebelokhu belindele ngabomvu ukubona lo mdlali omusha, futhi ithemba ukuthi umqeqeshi uKhalil Ben Youssef uzomnika umdlalo wakhe wokuqala.
AmaZulu FC aqinise emuva ngokubuyisela uDarren Johnson epalini. UJohnson wenze kahle emidlalweni edlule waze wadonsa amehlo omqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Nokho uzothemba ukuthi udonga lwakhe lwasemuva luzokwazi ukuvimba uMayo nozakwabo bangakwazi ukusondela kakhulu kuye.
Lo mdlalo uphinde uphawule ingqophamlando kuRiaan Hanamub, ozone edlala umdlalo wakhe ka-100 kuSuthu.
Ukuzinikela kwakhe kumenze waba ngumdlali obalulekile eqenjini lika-Arthur Zwane, kanti le ngqophamlando igcizelela ukubaluleka kwakhe eqenjini.
FUNDA NALA | Kuyayishubela iCape Town City ehlathini
Okwengeza injabulo kubalandeli baMaZulu wukubonakala okokuqala kukaMinenhle Ngcobo osebhentshini.
NjengoChisslett, uNgcobo uzobe enethemba lokuthi uzolithola ithuba lokudlala okokuqala kulo mdlalo.
- Ibophele kanje iChiefs: Petersen – Cross, Kwinika ©, Miguel, Solomons – Mthethwa, Ngcobo, Shabalala, Mmodi – Lilepo, Mayo
- Ebhentshini: Ntwari, McCarthy, Frosler, Cele, Sirino, Du Preez, Chislett, Duba, Da Silva
- AmaZulu abophele kanje: Johnson – Allan, Hanamub, Mthethwa, Feilies – Radebe, Mbanjwa, Sithole, Ekstein – Kutumela, Ngwenya
- Ebhentshini: Mzimela, Ncama, Mzobe, Dube, Ngcobo, Zikhali, Thabede, Maqokolo, Mathloko
