
Isihlabani seBafana Bafana sihangazelwa awaseYurophu
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana usehehe isasasa kumaligi amathathu ahlukene e-Europe, ngokusho kwemibiko yakamuva.
Lokhu kungemuva kokuthi u-Elias Mokwana ebe nesizini enhle kakhulu yokuqala ne-Esperance yaseTuisia.
UMokwana usize le kilabhu yanqoba isicoco seTunisia Ligue Professionnelle 1, wadonsa amehlo ezinhloli zase-Europe.
Imithombo esondelene nalo mdlali weBafana Bafana iqinisekisa ukuthi intshisekelo entsha yase-Europe ivele muva nje.
Ikilabhu yakamuva ekhombisa intshisekelo kubikwa ukuthi ngeyaseTurkey, okwengeza kwintshisekelo yangaphambilini evela eBelgium naseNetherlands.
“Kuyiqiniso. Manje sekuneqembu laseTurkey elimlandelayo,” kusho umthombo kwiSoccer Laduma.
Izinhloli zeqembu laseTurkey bezilandela uMokwana kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule.
Kukholakala ukuthi lihlela ukuyovela kwi-Esperance ukuze lidayiselwe lesi sihlabani seBafana Bafana ngokushesha.
Kodwa-ke, i-Esperance kuthiwa imanqika ngokumdedela okwamanje.
Umthombo wesibili uthe: “Bafuna ukumgcina okungenani enye isizini.”
Esinye sezizathu ezinkulu wukuthi leli qembu liya kwiFifa Club World Cup ngenyanga ezayo.
I-Esperance ifuna uMokwana abe khona kulo mqhudelwano ngaphambi kokuxoxa nanoma yiliphi iqembu elimfisayo.
“Bazoxoxisana kuphela ngesivumelwano kuphela ngemuva kweClub World Cup,” kusho umthombo.
UMokwana, oneminyaka engu-25 ubudala usheshe walijwayela ibhola laseNyakatho Afrika.
Le ntshisekelo ekhulayo yaseYurophu iqinisekisa ukuthi akenzanga iphutha ngokushiya kwiPSL aye eTunisia.
Kukhombisa ukuthi impumelelo eNyakatho Afrika ingavula iminyango yamathuba aseYurophu.
Okwamanje, wonke amehlo akwiClub World Cup nokuthi yini ezoza ngemuva kwayo ngekusasa likaMokwana.
Kulindeleke futhi ukuthi aphinde abe wusizo kwiBafana Bafana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngasekupheleni konyaka.
