
BUKA: ULukhele ‘usola’ uPitso ngokulekelela iDowns kwiMTN8
Umhlaziyi webhola laseNingizimu Afrika uNadim Lukhele usesole umqeqeshi weBafana Bafana u-Pitso Mosimane ngokwenzelela iMamelodi Sundowns nokuyisiza ukuthi inqobe i-MTN8.
ULukhele, owaziwa ngokudalula okwenzeka ngasese emaqenjini akuleli, uthi uMosimane wadukisa i-Orlando Pirates.
Uthi lokhu wakwenza ngokuthi amemezele ukuthi abadlali beSundowns uTeboho Mokoena no-Aubrey Modiba balimele ngesikhathi beseqenjini lesizwe.
ISundowns igcine ishaye iPirates ngo-2-0 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo emdlalweni wamanqamu.
UMokoena ushaye igoli lokuqala ngaphambi kokuthi u-Iqraam Rayners aqinisekise ukunqoba ngephenalthi ngesikhathi esengeziwe.
Ekhuluma kwiPodcast yakhe, uLukhele uthe ukuba khona kukaMokoena enkundleni kwenze umehluko omkhulu.
“IPirates beyenza kahle emiqhudelwaneni yezindebe. Kodwa manje uhambo lwayo seluphelile.
“Sesinompetha abasha, iMamelodi Sundowns,” kusho uLukhele.
Ube esephendula umbuzo wokuthi yini eyenziwe kahle yiSundowns ukuze inqobe le ndebe.
Uthe ithole usizo luka-Pitso Mosimane ophumuze abadlali bayo ukuze aqiniseke ukuthi bayimiqemane kulo mdlalo we-MTN8.
“Kodwa yini eyenziwe yiSundowns kahle ukuze iwine lo mdlalo? Yilokho engifuna ukukucacisa,” kuqhuba yena.
“Okokuqala, ngicabanga ukuthi uPitso Mosimane ube nesandla kakhulu ekunqumeni lo mdlalo wamanqamu.
“Yingakho ngangingafuni ukuthi uPitso abe ngumqeqeshi weBafana Bafana…”
ULukhele uqhubeke nezinsolo zakhe, ethi uMosimane wayengakhulumi iqiniso ngesimo sikaMokoena noModiba.
“Bheka, waqamba amanga. Wathi uMokoena noModiba balimele. Labo bafana babengabukeki nakancane belimele.
“Wabaphumuza amasonto amabili ngenxa yalo mdlalo,” kuchaza le nsizwa.
“Ubani oshaye igoli lokuqala? UMokoena. Ubani obelawula iPirates futhi eyifaka ngaphansi kwengcindezi? NguMokoena.”
ULukhele ukholwa ukuthi uMokoena ukhombise ukuthi kungani ukuba khona kwakhe enkundleni bekuyinkinga enkulu kwiPirates.
“UMokoena ukhombise ngempela izinga lakhe, ukuthi uma esenkundleni ungomunye umuntu ngokuphelele. Bekuhlale kuzoba njalo.
“Uma uMokoena ekhona, iPirates ibizohlala isenkingeni. Ukube ubengekho, iPirates ibizobhekana nabadlali abangenalo ulwazi oluningi.”
- FUNDA NALA | UMokoena ubengemuhle emoyeni egila iPirates
Kubalulekile ukugcizelela ukuthi lezi yizinsolo zikaLukhele ngo-Pitso Mosimane nokusiza iDowns inqobe i-MTN8 ngezakhe uqobo futhi azisho ukuthi ziyiqiniso elimsulwa.
Buka le vidiyo ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
