
Okwenza uThabo Cele ‘angazisoli’ ngokukhetha iChiefs
UThabo Cele ngomunye wabadlali abanegama abafike kwiKaizer Chiefs sekuvele kunesikhathi abalandeli bebafisa.
Ukusayinwa kwakhe ngoJanuwari, esuka eqenjini laseRussia iFakel Veronezh kususe isasasa elikhulu kubalandeli baMakhosi.
Akungabazeki ukuthi uThabo Cele ubenamaqembu amaningi abefisa ukuthi azodlala kuwo, kuleli nakhona phesheya.
Ubesezakhele igama ngokudlala kahle emaqenjini ehlukene ePortugal, futhi walunguza nakwiBafana Bafana.
Kodwa useveze ukuthi yize ubenemathuba angcono phesheya, inhliziyo yakhe beyilokhu ikuleli, ilangazelela ukudlala kwiChiefs.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala iChiefs ibhekene nezimbangi zayo ezindala futhi ezinkulu i-Orlando Pirates.
Ukudlala kahle kwakhe kulo mdlalo kwamenza enye yezintandokazi zabalandeli ngokushesha.
Ekhuluma nabezindaba ngasekuqaleni kwenyanga, uThabo Cele waveza ukuthi ukujoyina leli qembu laseNaturena kwakuwukufezeka kwephupho lakhe elidala.
Njengoba ekhule engumlandeli weKaizer Chiefs, uCele ugcizelele ukuthi akazisoli neze ngokujoyina leli qembu.
“Kusukela ngiqala ngqa ukungena lapha eVillage ngabona kuyisinqumo esifanele,” kusho uCele.
“Futhi ngisazizwa kanjalo namanje. Njengoba kuyinselelo (ukudlala kwiChiefs), yinto oyifunayo njengomdlali.
“Kukufaka umlilo ngaphakathi ngawo nabanye. Cabanga nje uma singazuza okuthile kule kilabhu, kuzoba yinto enkulu kukhulu.”
Ithuba lokwenza into enkulu kule kilabhu lisele kwiNedbank Cup la iChiefs seyingene khona kowamanqamu.
“Ngokusobala iNedbank Cup ibaluleke kakhulu, kithi, kubalandeli, emindenini yethu nasekilabhini.”
IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu ale ndebe ngemuva kokudlula kungazelele muntu kwiMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu.
Kodwa ngaphambi kwalowo mdlalo, lezi zinkunzi zaseSoweto zizoqale zidlale oweBetway Premiership osubhekwe ngabomvu ngoMeyi 3.
