
BUKA: IPirates izifake zaphelela kwabeChiefs ababeyihleka
I-Orlando Pirates isiziphendulele kubalandeli be-Kaizer Chiefs ababeyihleka ngesikhathi ihlulwa kuqala isizini.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zahlulwa imidlalo emibili kulandela yeBetway Premiership ekuqaleni kwale sizini ephele isinqompetha balesi sicoco.
Lokhu kuhlulwa kwadala ukukhathazeka kubalandeli bePirates, kanti ngale kwabaMakhosi yayigcagcele esokeni ngaleso sikhathi.
Kodwa manje ekupheleni kwesizini yibo abe-Kaizer Chiefs abaswele umgodi wokucasha njengoba i-Orlando Pirates iqede iphethe izicoco ezintathu.
Inqobe iMTN8, iCarling Knockout neBetway Premiership. Amakhosi wona aqede eshwiba izandla.
Khonamanjalo, umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou uveze ukuthi wacishe washiya kuleli qembu ngezikhathi zimnetha efika.
Uthe wakhuzwa abaphathi eseti ufaka incwadi yokwesula ngoba ebona abalandeli bemlwisa futi bekhombisa ukungamathembi kahle.
Uphinde waveza nokuthi kungenzeka angabuyi ngesizini ezayo ngenxa yokuthi ukhathele ngokwengqondo, udinga isikhathi sokuphumula.
IPirates yona ibingakasho lutho ngalokhu. Kodwa ivele yaphendula labo ababeyenza inhlekisa ngesikhathi isahlanganisa.
NgeSonto, amaBhakabhaka abe esefaka ividiyo eveza ababebukisa ngayo ngesikhathi ziyinetha. Zibonele le vidiyo ngezansi:
