Bafana BafanaEzintsha

Broos – INigeria izosiza iBafana inqobe uGroup C

I-Nigeria kubukeka sengathi ivukile ebuthongweni bayo kodwa uHugo Broos ukholwa ukuthi ukuzimisela kwayo kuzosiza iBafana ingene kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

Ngemuva kokunqoba kwayo kwiLesotho eNew Peter Mokaba Stadium, iBafana Bafana isihlezi esicongweni kuGroup C ngamaphuzu angu-10.

Ishiya iBenin esendaweni yesibili ngamaphuzu amabili. I-Nigeria, eqale ngegiya eliphasi kweyokuhlunga, ikhombise ukuvuka inqoba kwiRwanda ngoLwesihlanu.

Lezi zinkunzi zaseNtshonalanga ye-Afrika zinqobe ngo 2-0 ekuhambeni kwiRwanda ebiphezulu kuleli qoqo ngaphambi kwali midlalo yokuhlunga yakamuva.

Kodwa uHugo Broos ubona ukuvuka emaqandeni kwe-Nigeria kuzoba nenzuzo enhle eqenjini lakhe, futhi wachaza ukuthi kungani esho kanje.

“Bengihlale ngisho ngithi kuneqembu eqoqweni lethu elizosisiza kakhulu, manje lelo qembu yiNigeria,” kusho uBroos. 

“Ayisakwazi ukulahlekelwa amaphuzu, ngakho izokwenza konke okusemandleni ayo ukuze inqobe kule midlalo esele.

“Okwamanje, siphambi kwayo ngamaphuzu amane, ngakho-ke kufanele sigxile emsebenzini wethu ngenkathi yona isisiza ngokuthatha amaphuzu kwamanye amaqembu.”

Lo mqeqeshi weNingizimu Afrika uphinde wancoma ukwesekwa okukhulayo kweBafana ngabalandeli.

Muva nje izinkundla sezigcwala  phama uma iBafana Bafana idlala ekhaya. 

Lokhu kuqal eukwenzeka ngemuva kokwenza kahle kwayo kwi-Afcon ngonyaka odlule.

“Ekuqaleni, abantu abazange beze ngemuva kwe-Covid, kodwa manje babona iqembu lilwa. 

“Impumelelo ye-Afcon yenza abantu baseNingizimu Afrika baphinde bakholelwa kwiBafana,” kwengeza yena.

Umdlalo olandelayo weBafana Bafana uzoba se-Ivory Coast, lapho izobhekana khona neBenin.

Ukunqoba kwayo kulo mdlalo kuzoyiqinisa kakhulu indawo yayo kuGroup C.