Ezintsha

Sesithole iqembu kwiBetway Premiership isihlabani saseZim

– Udaba ngu-ALFRED Ngubane

ILisenethini seyithole ukuthi u-Emmanuel Jalai usezodlala kwiDurban City njengoba esesayine kuleli qembu laKwaZulu-Natal.

UJalai ubengukaputeni weHighlanders FC eZimbabwe kanti uqale ukuvelela ebholeni eminyakeni emithathu edlule.

Ube esengena eqenjini lesizwe laseZimbabwe la efike wadlala ngendlela ekhangayo emikhankasweni yokuhlungela i-Afcon neNdebe yoMhlaba.

UJalai uqhubekile waba ngumdlali obalulekile kwi-Africa Cup of Nations eMorocco, lapho indlela abedlala ngayo imdonsele amehlo amaqembu abemhalela. 

Kodwa ke kubukeka kube yiCitizens enqoba umbango wokusayina lomdlali oneminyaka engu-27 ubudala.

Ingwazi yeKaizer Chiefs neqembu lesizwe laseZimbabwe uWillard Katsande ukholwa ukuthi lesi sinyathelo sizomvulela iminyango uJali.

Uthi iBetway Premiership iyiwindi elikahle lokuthi abadlali abanekhono elihle bazikhangise kwamanye amaqembu amakhulu e-Afrika.

“Wumnyakazo omuhle kakhulu lona kuye njengomdlali ngoba uzomkhulisa,” kusho uKatsande ekhuluma ngokukhethekile neLisenetini.

“Ukhululekile ukudlala emuva maphakathi nenkudla, ikwesokudla emuva noma esiswini maphakathi nenkundla.  

“Ukukwazi kukaJalai ukudlala izindawo ezihlukene kumenza abe ngumdlali ongagcina ebalulekile kwiDurban City.

“Labo abazozithola bebhekene naye kuzomele baqaphe ngoba uzobalimaza uma bengamnakile,” kuncoma le ngwazi.

Abasondelene nalo mdlalo bamthipha ukuthi alandele izingwazi zaseZimbabwe oTinashe Nengomashe no-Esrom Nyandoro.