Ezintsha

Bangase baphinde bahlangane abachithwe kwiSundowns

UManqoba Mngqithi noRomain Folz banezifiso ezingakafezeki ngokuqeqesha ndawonye futhi bangaphinde bahlangane maduze.

Laba bobabili basebenze isikhashana ndawonye kwiMamelodi Sundowns ngemuva kokuthi uMngqithi elande lo mqeqeshi osemncane.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uMnqgithi enikezwe umsebenzi wkucija iSundowns ekuqaleni kwesizini. 

Kodwa ngemuva kwezinyanga ezimbalwa besemsebenzini, baxoshwa kwaqashwa uMiguel Cardoso esikhundleni sabo. 

Kuyinto eyaziwayo ukuthi uMngqithi sekukudala akuveza ukuthanda kwakhe uFolz nesifiso sakhe sokusebenza naye. 

Kodwa yize lo msebenzi weeSundowns ungaphumelelanga, laba baqeqeshi ababili kuthiwa basanentshisekelo yokusebenza ndawonye. 

Okwamanje abanaqembu bobabili kodwa iSoccer-Laduuma ibika ukuthi bangaphinde bahlangane maduze nje.

Umbiko uphakamisa ukuthi uFolz unemisebenzi ebekwe etafuleni lakhe futhi uzothatha uMnqgithi ahambe naye nomaphi lapho eya khona. 

“Cishe sekusele ukuthi uRomain anqume ngomsebenzi omfanele,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Kunamakilabhu amaningana akhombise intshisekelo kuye. 

“Ufaneleke kakhulu futhi uthathwa njengomunye wabaqeqeshi abasebasha abahamba phambili ezwenikazi.” 

Umthombo uthe uFohloza, njengoba uFolz aziwa kanjalo ebholeni lakuleli, kungenzeka ahambe noMnqgithi. 

“Uma esethole umsebenzi ofanele, awukwazi ukukuchitha ukuthi kungenzeka aphinde ahlangane noManqoba. 

“Banobudlelwano obuhle kakhulu bokusebenza, futhi ukuphinde basebenze ndawonye yinto engenzeka noma nini.”

Khonamanjalo uMngqithi kubikwa ukuthi usohlwini lwabafunwa yiGolden Arrows engenaye umqeqeshi okwamanje.

Kodwa inkinga kungenzeka ukuthi uMngqithi usesezingeni lapho efika khona nethimba lakhe labaqeqeshi uma eseqashiwe.