
Ayikapheli ekaKhune neChiefs – kusenezingxoxo
IKaizer Chiefs isazimisele ngokubuyisa umdlali ochithe iminyaka engu-25 edlala kuyo.
Kuthiwa isebenza kanzima ukuze unozinti wayo wodumo u-Itumeleng Khune abuyele eNaturena.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala ubefuna ukuqhubeka nokudlala aze adlule iminyaka engu-40.
Kodwa iGlamour Boys yenqaba ukumnika ithuba kwazise bebefuna ukwakha kabusha.
Amakhosi abeqede endaweni yeshumi kwilogi ngesizini edlule, kanti uKhune waba ngomunye wabadlali abadedelwayo ekupheleni kwesizini.
Leli qembu belifuna ukuba uKhune aphume ekudlaleni, angeke ehhovisi ophikweni lwezokumaketha. Kodwa wenqaba ukuthatha lo msebenzi.
Kusukela lapho ubesebenza njengenxusa enkampanini yokubheja i-TopBet, abuye abe ngumhlaziyi kwiSABC Sport.
Nokho iChiefs isazimisele ngokuba abuye kuyo lo nozinti owazakhela udumo nakwiBafana Bafana.
“Yebo, ikilabhu isafuna ukusebenza no-Itu. Banomuzwa wokuthi kuningi angakwenzela ikilabhu ngaphandle kwenkundla.
“Futhi yingakho izingxoxo zingazange ziphele,” iSNL24 icaphune umthombo usho kanje.
“Ikilabhu iyaqonda ukuthi uneminye imisbenzi empilweni yakhe.
“Kodwa ibheke indlela engenzeka yokwenza ubudlelwano bokusebenzisana obuzohambisana nezinhlangothi zombili yingakho lisakhuluma naye mayelana naleso sikhundla emnyangweni wezokumaketha noJessica.
“Okwamanje kungase kube okomnyango wezokumaketha, kodwa futhi bafuna enze izifundo zokuqeqesha.
“Babheke ukuthi agcine ebuyele eqenjini njengomqeqeshi, adlulisele ulwazi lwakhe konozinti abancane nabakhuliswayo.
“Ikilabhuu ikholwa wukuthi kuningi okusamele afake isandla kukho eqenjini mayelana nokufundisa onozinti abasebancane.
“Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi yimuphi umnyango omsebenzelayo, ikilabhu isamfuna abuye.”
