AmaZuluEzintsha

AwaseGoli ahlela ukulinga AmaZulu ngesihlabani sawo

Lokhu kulindeleke ukuthi kwenzeke ekupheleni kwesizini, kodwa kuvela ukuthi kungenzeka akhona asevele ake avela oSuthwini.

Eqinisweni nje, iLisenethini.co.za iyaqonda ukuthi AmaZulu kungenzeka ukuthi asenazo izicelo ezisetafuleni ngalo mdlali wasesiswini ohlaselayo. 

Imithombo iveze ukuthi uTshepang Moremi ufunwa uthuli, ikakhulukazi amaqembu aseGauteng.

Cishe wonke anentshisekelo kulo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala odle ngejubane nomjiko omuhle. 

UMoremi ungomunye wabadlali abagqamile Osuthwini kule sizini ngejubane nekhono lakhe okumenza abe yithalente eliyingqayizivele kwiligi yakuleli. 

“Usezingeni elifanayo nelika-Elias Mokwana futhi uzokhumbula ukuthi amaqembu alapha ayemfuna kanjani (uMokwana),” umthombo utshele iLisenethini.co.za.

UMokwana, obedlala kwiSekhukhune, wayefunwa yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundonws kodwa wagcina esayinwe ye-Esperance yaseTunisia.

“Unokuthile okuhlukile. Omunye umdlali afana naye uMonnapule Saleng, umdlali okwazi ukwakha ithuba legoli kungazelelwe nje ngomnyakazo owodwaosheshayo.

“Usephenduke inyama emaqenjini ambalwa futhi ngiyazi ukuthi womathathu amakhulu kuleli aseke abuza ngokutholakala kwakhe.”

I-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns neSekhukhune United baphakathi kwamaqembu okuthiwa akhotha izindebe zawo ehalela uMoremi. 

Omunye umthombo uthe la makilabhu alungiselela izicelo ezinkulu azozifaka kuMaZulu ezingase ziwalinge ukuthi avele amdayise, adle imali ngalo mdlali wawo oyigugu. 

“Kodwa ngizwa ukuthi AmaZulu awazimisele ngokudayisa okwamanje ngoba nawo afuna ukwakha iqembu eliqinile.

“Kodw-ke sonke siyazi, imali ayiluthezi olumanzi. Kungase kwenzeke noma yini,” kusho omunye umthombo.