AmaZuluEzintsha

AmaZulu ‘ashaya ngesithende’ omunye umdlali onamava

Umdlali ofike ethwelwe ngeqoma futhi kunesasasa ngesikhathi ejoyina AmaZulu FC useveze ukungaqiniseki ngekusasa lakhe.

UBongani Zungu – oneminyaka engu-33 ubudala – uveze ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ezinyangeni ezintathu ezizayo.

Kodwa kuze kube manje azikho izingxoxo ezikhona ngokuthi ivuselelwe okwenza abone sengathi uzoshaywa ngesithende.

UZungu ushiywe ngaphandle ngumqeqeshi u-Arthur Zwane emidlalweni embalwa edlule.

Lokhu kubukeka kuyisenzo esikhomba indlela entsha iqembu eliyithathayo ngaphandle kwakhe.

Usuthu lubonakala luthatha enye indlela ngaphansi kobuholi bukaZwane njengoba selusebenzisa kakhulu abadlali abasebancane.

Leli qembu selivele likhiphe izihlabani eziphezulu ezifana noVeli Mothwa, uRamahlwe Mphahlele noBen Motshwari kusukela kufike uZwane.

Ukungabi nesikhathi somdlalo kukaZungu kukhomba ukuthi angase abe ngomunye umdlali osekhulile ozodedelwa.

Lapho ebuzwa ngokuvuselelwa kwenkontileka, uZungu uthe umuntu ongaphedula kahle kulokho ngumqondisi weqembu uPedro Dias.

“Angazi noma ngizobe ngisengumdlali waMaZulu yini ngesizini ezayo,” kusho uZungu kwiSABC Sport.

Uveze ukushuba kwesimo, wathi umqondisi nguyena “onazo zonke izimpendulo” ngalokho.

“Lokho ngizokushiyela kumqondisi ngoba kubonakala kunguye onazo zonke izimpendulo uma kukhulunywa ngalokho,” kusho uZungu.

Yize isimo sakhe singathembisi njengamanje, uZungu ugcizelele ukuthi usasebenza futhi usazibophezele kuMaZulu.

Nokho kuvela ukuthi kunamanye amaqembu eBetway Premiership okubikwa ukuthi asiqaphe ngeso lokhozi isimo sakhe.

“Kuyangithobisa ukuthi kusekhona intshisekelo evela kwamanye amakilabhu,” kwengeza lo mdlali owake wadlala kwi-University of Pretoria.

“Kodwa yize ngikhishwe inyumbazane kule midlalo embalwa edlule, ngisazinikele ngokugcwele kuMaZulu.” 

Ngokwekhono lakhe, lo mdlali odume kakhulu kwiMamelodi Sundowns mancane amathuba okuthi aswele izesheli.

Kodwa isikhathi sakhe Osuthwini sibukeka sesizophela. Umnyakazo wakhe olandelayo nokho uzobhekwa ngabomvu.