
Uvukwe umunyu owe-Orlando Pirates bedla eseDDC
Umqeqeshi weqembu le-Orlando Pirates, uRoscoe Krieling ufikelwe izinyembezi ngemuva kokunqobisa leli qembu isicoco seDStv Diski Challenge.
Uveze ukuthi ukunqoba kukhetheke kakhulu kuye ngoba kwenzeke ngosuku okwashona ngalo uyise.
Izintwana zePirates zibhamuze iMamelodi Sundowns ngo 2-0 eDosbsonville Stadium ebigcwele phama ngoMgqibelo ukuze inqobe isicoco sayo sokuqala seDDC eminyakeni engu-11.
AmaBhakabhaka ayishaye kabili iSundowns njengoba ayishaya ngo 5-1 ngasekuqaleni kwesizini.
UKrieling, ojoyine i-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini ngemuva kokushiya iSuperSport United, uthole isicoco sakhe sesibili seDDC.
Kodwa lesi kuyacaca ukuthi sisho lukhulu kuye. Ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo, uKrieling uveze isizathu esijulile esimenze wahlaselwa umunyu.
“Eminyakeni emihlanu edlule, ubaba washona ngalolu suku,” kusho uKrieling.
“Asibonge kubafana, balwile. Laba bafana bafanelwe yilolu suku olukhulu, bebelokhu belwa, balwe ngayo yonke indlela.”
“Namuhla bakhombise ukuqina, besingalitholi ibhola. Kodwa namuhla bazibonakalisile.”
Imigubho yaseDobsonville kungenzeka ukuthi bekungeyesicoco seDDC, kodwa uKrieling usheshe waphonsela iqembu elikhulu elisembangweni weBetway Premiership.
Iqembu lokuqala le-Orlando Pirates lisethubeni elihle lokudla isicoco seligi okokuqala kusukela ngesizini ka-2011/12.
UKrieling manje uthemba ukuthi ikilabhu ingaqeda isizini yamaphupho kusuka phezulu kuya phansi.
“Yonke indebe kwi-Orlando Pirates ibalulekile kusuka kwiDDC kuya kwiPSL, singafisa ukubona neqembu elikhulu linqoba,” kwengeza yena.
