
Okujabulisa oweBaroka ngokuthi iPirates ifuna abadlali bakhe
Usihlalo weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele usekuqinisekisile ukuthi izikhondlakhondla zaseSoweto i-Orlando Pirates zinentshisekelo ngabadlali bakhe ababili.
UKhurishi Mphahlele uthi le ntshisekelo ye-Orlando Pirates ikhombisa ukuthi iqembu lakhe lenza okuthile ngendlela efanele.
Lokhu kulandela imibiko ematanisa umdlali wasesiswini uKabelo Kgositsile nomdlali wasemuva uTshepo Mashiloane ne-Orlando Pirates.
Laba badlali ababili bangabanye babagqamile kwiBaroka kule sizini kwiMotsepe Foundation Championship.
Ekhuluma ngalokhu kuqagela, uKhurishi Mphahlele uthe umgomo weqembu lakhe akukhona ukugcina abadlali kule kilabhu yakhe impilo yabo yonke.
Kodwa inhloso enkulu wukubanikeza indawo yokukhula ukuze ekugcineni bathuthuke bese bethola amathuba angcono.
“Hhayi-ke, into enhle leyo. Uma iqembu elifana nePirates linentshisekelo, kuyangijabulisa.
“Kusho ukuthi kukhona esikwenza kahle,” kusho uMphahlele etshela iFarPost.
“Ngeke ngifune umdlali azodlala futhi ahlale aze aqedele umsebenzi wakhe kwiBaroka.”
Uthi iqembu lakhe liyaphuma liyofuna ithalente elingavuthiwe, lilipholishe bese uma amakilabhu amakhulu eza ebacela kubenza babone ukuthi muhle umsebenzi wabo.
“Ngifuna amanye amaqembu abe nentshisekelo ngabadlali bami. Uma umuhle ngokwanele, amaqembu aphezulu kufanele akufune.
“UMashiloane ungumdlali wasemuva wethu ophambili – uphuthwe umdlalo owodwa kuphela kule sizini, nakuwo yingoba wayemisiwe.
“UKgositsile yena usayidlale yonke imidlalo yethu kule sizini.”
I-Orlando Pirates inomlando wokuzihlomulela ngethalente elihle kwiBaroka.
Umgadli u-Evidence Makgopa nguye oyisibonelo esigqamile salobu budlelwano balamaqembu.
Selokhu afika kwiPirates, uMakgopa usephenduke isethenjwa kulezi zinkunzi zaseSoweto naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
