Ezintsha

Amajita alwile, kwashoda yona inhlanhla eNdebeni yoMhlaba

NguNjabulo Shezi 

Amajita abenomdlalo wokuvula lapho esebenze khona kahle kodwa-ke imiphumela yagcina ivune amaBleuets aseFrance enqoba ngo2-1.

Igoli lika-Anthony Bermont elingene ngomzuzu ka-25 yilona elibeke iFrance phambili emdlalweni obuse-Estadio El Teniente, eRancagua.

UJody Ah Shene uphendule ngomzuzu ka-33 ngemuva kokuvalela phakathi iphenathi. 

Zibuyile ngesiwombe sesibili iFrance obekulindelwe ngabaningi ukuthi izidlele amahlanga, nokho akubanga lula.

Kuze kwaqhamuka Lucas Michal lowo washaya igoli lesizbili ngemizuzu yokugcina, ngemuva kweziwombana ezimbili efika efikile Amajita emapalini eFrance.

Umqhudelwano wakulokhu ungahlelwanga ngezinsuku zomhlabakhefu weFifa, amaqembu amaningi akuthole kuba nzima ukudedela abadlali bawo ngenxa yokuthi amaligi ayaqhubeka nokudlala.

Umqeqeshi weFrance uBernard Diomède ukuvezile ukuthi iqembu lakhe lidlala ngaphandle kwezibabuli zakhe ezalala isibili kwi-Under 19 European Championship nyakenye.

Kodwa yize kunjalo uthi lisakhona ithalente kubafana abatomule kwiLuague 1 nakwamanye ase-Europe.

Noma kunjalo izinsizwa zikaRaymond Mdaka ezingompetha base-Afrika bezilokhu ziyifakile ingcindezi.

Lokhu kuzokwenza babe nokuzethemba okuphindiwe emidlalweni elandelayo ezowudlala neNew Caledonia ngoLwesine ngo-1 ekuseni ngokwesikhathi sakuleli, ne-USA ngeSonto.