
Akumangazi ukulimala kwenqwaba kwiChiefs – Dlangalala
Owayeyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, uZipho Dlangalala uthi akumangazi ukulimala kwenqwaba yabadlali kwiKaizer Chiefs.
Njengamanje leli qembu elizinze eNaturena linabadlali abangu-10 abangeyona ingxenye yeqembu ngenxa yokulimala ekhempini yalo.
IKaizer Chiefs iqinisekise ukuthi uGeorge Matlou, Thabiso Monyane, Ethan Chislett, Paseka Mako, Bontle Molefe, Given Msimango, Rushin Dortley, Lebohang Maboe, Etiosa Ighodaro noNkanyiso Shinga bonke balimele.
UZipho Dlangalala uthi izinkinga zeKaizer Chiefs ziqale ngonyaka odlule ngesikhathi izilungiselela isizini eTurkey lapho abadlali bebezivivinya khona emahathini.
“Ingabe kufanele silindele okuhlukile? Konke kuqale ngoJulayi 2024. Futhi no-2025 ubungahlukile,” kusho uDlangalala.
“Indoda thizeni (Nasreddine Nabi) bekuthiwa iyapheka. Kulabo abawuqondayo lo mdlalo, bekuvele kulindelekile lokhu okwenzekayo.
“Akukho simanga lapha. Ukulimala ngobuningi! Imiphumela etholakala ngenhlanhla nokungabi nendlela eqondile yokudlala.
FUNDA NALA | Okuxhile abalandeli iSafa ibungaza iBafana
“Lena yimuphumela yokwenzeka uma kulungiselelwa isizini. Inzuzo yokuqeqeshwa ngokugijima ezintabeni, ukugijima emgwaqeni, nokujima sengathi ulungiselela umjaho webanga elide.”
