EzintshaKaizer Chiefs

Akukubi kangako kwiChiefs ngeConfed Cup – Kwinika

IKaizer Chiefs ihlulwe kowodwa, yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni yayo emibili esayidlalile kuze kube manje esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano wezwekazi. 

Bavule ngenduku behlulwa yi-Al Masry ekuhambeni e-Egypt ngo 2-1, lapho iphutha elibi lasemuva ngemizuzu yokugcina liholele egolini. 

Kuingeke iphinde ibuye kade seyilandela ngemuva ukuze ilinganise ithole iphuzu ibhekene neZamalek yase-Egypt emdlalweni wasekhaya ngempelasonto edlule. 

Lokhu kuyibeka endaweni yesithathu kuGroup D ngephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emibili. 

Kodwa uZitha Kwinika – odlala emuva – ukholwa ukuthi kusesekuseni kulo mqhudelwano ukuthi sekungatatazelwa.

“Kuleli qophelo ngicabanga ukuthi ngiyajabula ukuthi ngithola imizuzu, futhi mhlawumbe ngenza kahle kakhulu,” kusho uZitha Kwinika.

“Kodwa okubaluleke kakhulu yiqembu. Uma sithola imiphumela emihle ngicabanga ukuthi kwenza yonke into ibe ngcono mayelana nokubyusa ukuzethemba.

“Kodwa-ke emidlalweni yethu yakamuva kwiCaf, asizange siyithole imiphumela ebesiyifuna kodwa akukabi kubi.

“Sisenemidlalo eminingi esasisalele esisazoyidlala,” kuqhuba lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala.

UKwinika uthi iKaizer Chiefs ifundile emidlalweni yayo yokuqala kweyamaqoqo futhi izoba ngcono emidlalweni ezayo. 

Uyazi ukuthi kumele bawine imidlalo elandelayo ukuze bathole amaphuzu agcwele ukuze badlulele esigabeni somkhumulajezi.

“Sifunde emidlalweni emibili edlule esiyidlalile futhi saba ngcono silungiselela imidlalo ezayo. 

“Cishe sizodinga ukuthola amaphuzu aphelele kuleyo midlalo ukuze sifanelekele ukudlulela esigabeni esilandelayo,” kwengeza yena.

Kodwa okwamanje Amakhosi azogxila emkhankasweni wawo weBetway Premiership lapho esendaweni yesine ngemuva kwemidlalo engu-11. 

Azohlangana neChippa United emdlalweni wawo wokugcina wonyaka eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha ngoLwesithathu ebusuku.