EzintshaKaizer Chiefs

Akasezudansa kwiBay uMdantsane, nakwiChiefs akucaci 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ujoyine iRichards Bay ngokubolekiswa ngoFebhuwari. 

Usuke ngemuva kokulizwa ngendaba ijezi kwiiChiefs ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi. 

Isivumelwano sokubolekiswa kwakhe bekubhekwe ukuthi simsize athole ukudlala njalo ukuze abuyise umgqigqo wakhe.

Nokho uMduduzi Mdantsane udlale imidlalo emibili nje kuphela esiwombeni sesibili sesizini. 

IRichards Bay ibibambene ngezihluthu nomnikazi wezembe obesho ukuyiseceza. 

Nokho ukuvuka ekugcineni kuyenze yaqeda kwiTop 8, kodwa ukungalitholi kukaMduduzi Mdantsane ijezi nakuyo kuphakamise ukuthi ubengekho ezinhlelweni zabaqeqeshi.

Khonamanjalo, iChiefs yona ihlulekile wukungena kwiMTN8 ngaphansi kukaNabi.  

Akukacaci noma uMdantsane nalo mqeqeshi waseTunisia bazohlala yini kwiChiefs ngesizini ezayo.

Ekhuluma neSABC Sport, uBiyela udalule isinqumo ngabadlali abebebaboleke kwamanye amaqembu.

“Ngeke ngithi cha uma ithimba labaqeqeshi lithi lona lifuna ukumgcina,” kusho uBiyela. 

“Kodwa ngokuma kwezinto njengamanje, bonke abadlali ababolekiwe, okuhlanganisa noMdantsane, babuyela emaqenjini abo ekupheleni kwesizini.”

Isikhathi esifushane sikaMdantsane kwiRichards Bay besihloselwe ukuvuselela ukuzethemba kwakhe. 

Kunalokho, kubukeka ebuyele emuva kakhulu. Ukungalitholi ithuba lokudlala kuphakamisa ukuthi abaqeqeshi uRonnie Gabriel noPapi Zothwane abazange babobe simanga kuye.

UMduduzi Mdantsane usenenkontileka neChiefs kuze kube uJuni ka-2026. Manje uzobuyela eNaturena. 

IChiefs kulindeleke izihlele kabusha ngokuthi ilande abadlali abasha, okusho ukuthi kukhona okuzomele bavule izikhala. 

Kodwa okwamanje, lo mdlali ozakhele igama kwiCape Town City ulungiselela ukuphinde abuyele kwiChiefs. 

Kumele afike akhombise ukuthi usengakwazi ukufaka isandla kule kilabhu enkulu yaseNingizimu Afrika.

Kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uzokwazi yini ukuhlala, noma uzophinde abolekiswe kwelinye iqemnbu.