EzintshaNedbank Cup

Akakhali kakhulu oweTshakhuma ngenduku ye-Orlando Pirates

ITshakhuma ishaywe ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama. 

Bekuvele ke kodwa kulindelekile ukuthi i-Orlando Pirates izidlele amahlanga kulo mdlalo, kodwa akwengenzeka kanjalo.

Iqembu likaNelikhau likhombise ukuzimisela okuhle futhi kwale wona amava njengoba belingazibekile phansi. 

“Abafana bami bazamile. Phela ukukhuluma iqiniso nje iPirates yiqembu elikhulu,” kusho uNelukhau.

“Bengingalindele ukuthi abadlali bami badlale kanje. Uzokhumbula nginabafana abayisishiyagalombili abaneminyaka engaphansi kuka-23.

“Kodwa bazuze amava. Ngibajabulele kakhulu. Ngishilo phambi komdlalo ukuthi kufana nokuthi siya emfuleni siyilwa nengwenya nemvubu kanyekanye.”

Uthe lamava abawathole kulo mdlalo azobasiza emkhankasweni wabo kwi-ABC Motsepe League eLimpopo la izinto zingabahambeli kahle khona.

“Bekuyimizuzu engu-90 enzima kakhulu. Ngime yonke. Manje sesizobuyela ekhala siyogxila kwiligi.

“Ngicabanga ukuthi indlela esidlale ngayo izoletha uzinzo ibuyise nokuzethemba eqenjini lami ukuze siyosebenza ekhaya.”

Amagoli e-Orlando Pirates ashaywe o-Andre de Jong, uMponzo (okube wumkhonto ogwaza ekhaya), uPatrick Maswanganyi noSipho Mbule. 

Elokubika ekhala leTshakhuma lishaywe uThulani Ngobe nokube yibhola ebelibekwe phansi alishaye ngobuchule obuhle kakhulu.