
Zithini ngo-Olisa Ndah kwi-Orlando Pirates? UMakaab uyachaza
UMike Makaab useveze okusha okubalulekile ngomunye wabadlali be-Orlando Pirates abangekho ekhempini neqembu.
Njengamanje i-Orlando Pirates isekhempini eMarbella, eSpain la izohlala khona amasonto amabili kodwa u-Olisa Ndah akekho kule khempu.
Abalandeli basale bezibuza beziphendula ngalo mdlali ongomunye wezethenjwa emuva kwiPirates.
Ikilabhu ayikaze isho lutho ngokuthi kungani yena nabanye abadlali beshiyiwe, kodwa imeneja yakhe isisuse noma yimaphi amahlebezi abekhona ngesimo sakhe.
“Usezigabeni zokugcina zokwelulama nokuqinisa umzimba,” kusho uMakaab kwi-Extra Time yeGagasi FM ngoLwesihlanu ebusuku.
“Futhi uzojoyina ozakwabo ekuziqeqesheni lapho bebuya ekhempini.”
Njengoba u-Olisa Ndah noThabiso Sesane bengekho eqenjini, i-Orlando Pirates inabadlali basemuva maphakathi nenkundla abane eSpain.
Ihambe noNkosinathi Sibisi, uTapelo Xoki, uMbekezeli Mbokazi noLebone Seema kuphela.
USeema usanda kuhlukana neTS Galaxy lapho engazange adlale khona imidlalo eminingi kanti kukholakala ukuthi iPirates isamhlola.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto kubikwa ukuthi zinentshisekelo yokumsayinisa, kodwa kuzomele ahlabe umxhwele umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou nethimba lakhe.
Khonamanjalo uSesane naye kuvela ukuthi usalulama ekulimaleni akuthole ngesizini edlule.
Ubenza kahle kakhulu futhi sekusondele ukuthi abizelwe kwiBafana Bafana ngesikhathi elimala.
U-Ouaddou uzothemba ukuthi uNdah, uSesane nabo bonke abanye abadlali abalimele njengamanje bazokwelulama ngaphambi kokuqala kwesizini ngo-Agasti.
Phela lo mqeqeshi uzolidinga lonke ithalente analo eqenjini njengoba ezobe ebhekwe ngabomvu ukuthi uza nani.
Ungene ezicathulweni ezinkulu zikaJose Riveiro obe nomthelela omkhulu eqenjini kumasizini amathathu ekulo.
U-Ouaddou uzoqala ngokuvikela isicoco seMTN8 la iPirates izobhekana khona nePolokwane City emzuliswaneni wokuqala.
Umzuliswano wokuqala walo mqhudelwano uzodlalwa ngempelasonto yokuqala ku-Agasti.
