
Yini esibambezele iVAR kwiPSL, uKhoza uyachaza
– Intatheli yeLisenethini
Usihlalo we-PSL, u-Irvin Khoza, uthi sekusele kwiSouth African Football Association (Safa) ngokusetshenziswa kwe-Video Assistant Referee (VAR) ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Ebuzwa ukuthi ukufika kwemali yabaxhasi abasha iBetway kungasiza yini ukusheshisa lolu hlelo olusiza ukuqeda amaphutha onompempe, uKhoza uzwakale engabaza.
Kodwa uveze ukuthi yiSafa ezocacisa ukuthi kwenzekani ngokusetshenziswa kweVAR.
“NgoNovemba 2022, sase sikulungele ukuvivinya i-VAR neSuperSport, besizimisele ukwenza isivivinyo,” kusho uKhoza.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba eParktown, eGoli, lapho kuqinisekiswe ukuthi iBetway yiyona esixhase isicoco seligi.
Lo mxhasi omusha wesicoco sePremiership usayine inkontileka yeminyaka emithathu yesamba sika-R900 million.
“Inkinga kwaba wukuthi iSafa isitshele ukuthi babili kuphela abantu abakwazi ukusebenzisa lolu hlelo, ngakho asikwazanga ukuqhubeka.”
UKhoza ukugcizelele ukuthi isiphakamiso seSuperSport sisesetafuleni, kanti iPSL isizolinda iSafa ukuthi ibuyele kubo ngalolu daba.
“IMultiChoice isiyibeke etafuleni. Sisazimisele ngeVAR kodwa iSafa ithe iyona ezohola lolu hlelo, okuyinto elungile ngoba yiyo engabanikazi bonompempe.
“Nangenyanga edlule kube nezingxoxo ekomitini. Sizolinda isinyathelo esilandelayo.”
UKhoza uzwakalise nokungabi nandaba kangako neVAR, enza isibonelo gamaphutha ayo enzeke kwi-Euro 2024.
“Angazi ngemuva kokubuka i-Euro 2024 noma sisafuna yini ukuya kuyona.
“Kube nenkulumompikiswano mayelana nokuthi (i-VAR) ibulala isasasa.
OLUNYE UDABA: UMotaung Junior uveza okwenza abe nethemba ngoNabi
“Isusa ubumnandi kodwa isiza ukugwema ukukhombana ngeminwe. Angazi noma isakhanga yini.”
