EzintshaKaizer Chiefs

UNabi nemibuzo ngeChiefs ngemuva kokunqoba iCufe Cup

Usale nemibuzo ngeqembu lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi ngemuva kokuthi lidle iCufe Cup ngeSonto ntambama. 

IChiefs inqobe sekushaywa amaphenathi ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni obuseFree State Stadium. 

Kodwa noma kunjalo, uNabi ukhale ngokuthi bekungekho ukuzimisela okukhomba intshisekelo yokunqoba eqenjini lakhe. 

Ukhale nangamathuba amaningi abawakhile, kodwa behluleka ukuwasebenzisa, okuyinto athi imphoxile impela.

“Bekuwumdlalo oshube kakhulu, futhi kube yinto enhle kakhulu (ukunqoba indebe),” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo. 

“Kodwa sakhe amathuba amaningi. Kwenzeke njengasemdlalweni weMamelodi Sundonws, nakuwo sakha inqwaba yamathuba. 

“Inkinga enkulu lena yokuhlulwa amathuba. Ngifuna iqembu elilwela ukunqoba ngaso sonke isikhathi. Ayikho imidlalo yobungani la. 

“Ngisho kungathiwa umdlalo wobungani, ngifuna balwele ukunqoba. Ngisho ejimini ngifuna ukunqoba mina,” kuqhuba uNabi.

Uthe yena kumlalisa kabi ukuhlulwa ngakho ufuna iqembu lakhe lihlezi liphambili kukho konke ukuze athole ubuthongo ebusuku.

“Uma ngihluliwe kuba yinkinga. Angilali, ngifuna into efanayo nakubadlali bami,” kwengeza yena. 

“Kulo mdlalo silahle umgqigqo, sanikeza ebesibhekene nabo ithuba lokulawula umdlalo. Akwamukelekile neze lokho. 

“Sizobhekana neSuperSport United maduze, lokhu kube yisithombe esibi. Mhlawumbe umqeqeshi weSuperSport ubebuka nje.

“Manje uma sifika kumaphenathi (koweSuperSport) kuzomele ngibashintshe abazokhahlela amaphenathi.” 

IChiefs izogadulisana neSuperSport emdlalweni womzuliswano wokuqala weCarling Knockout eNew Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ebusuku. 

Lo mdlalo uzocacisa okuningi ngokuthi inqola yeChiefs ibhekephi ngaphansi kukaNabi njengoba ebhekwe ukuqeda indlala yezindebe.