
UZwane ubona kukhanya phambili kuMaZulu
- Alfred NGUBANE
U-Arthur Zwane, ocija AmaZulu FC ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi, uthi bayelethemba iqembu abanalo njengamanje ukuthi lizokwazi ukuphuma kulolu daka elibhajwe kulo.
Usuthu lusahlulwe kuyo yonke imidlalo emine olusayidlalile kule sizini, futhi lusemsileni kwilogi yeBetway Premiership.
Lihlulwe kuyo yomithathu eyokuqala kwiligi nokuholele ekutheni kuxoshwe uPablo Martin nethimba lakhe.
Kube sekuqashwa uZwane ozocija leli qembu ngokubambisana noVilakazi kanti badlale umdlalo wabo wokuqala ngempelasonto.
Akubahambelanga ke kahle njengoba beguqiswe yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weCarling Knockout.
“Akungabazeki ukuthi sinabadlali abasezingeni elihle,” kusho uZwane ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesihlanu.
“Sibuya esimweni la sihlulwe khona emidlalweni emithathu kulandelana ngaphambi kwalona.
“Ukuzethemba eqenjini bekuphansi – ngakho bekumele sizame ukubaphakamisa futhi sibasize abadlali ukuthi baphinde bazethembe.”
Uthe uwubonile umehluko kwindlela iqembu elidlale ngayo kulo mdlalo weStellies, wathi zikhona izinkomba zokuthi kuyakhanya phambili.
“Kufanele ukuthi kubonakalile namuhla. Ngicabanga ukuthi besingenza kangcono kakhulu kunalokhu.
“Kodwa ngicabanga ukuthi kuningi okube kuhle endleleni esenze ngayo nesizosebenzela phezu kwakho ukuya phambili.
“Ngakho asilingabazi izinga labadlali esinabo, ngisho nabasebhentshini. Senze izinguquko, bangena bawenza umehluko.”
Okunye okuhle okubonakele wukuthi laba baqeqeshi – abanomlando omuhle ezinkulisa zamaqembu ehlukene – bayabethemba abafana abasebancane.
“Sinabadlali abasebancane abathembisayo, futhi sinabo nasebeqinile abazimisele ukufaka wonke amandla abo. Kuyethembisa.”
Umehluko nokuthi iqembu libhekephi sekuzobonakala emidlalweni elandelayo, kuqala ngowe-Orlando Pirates ngoLwesihlanu.
