EzintshaKaizer Chiefs

Masilela: Okwenza uSirino ahluke kwabanye, abe yingozi

UTshepo “Chester” Masilela, oyinkakha yeKaizer Chiefs, useveze into athi yenza uGaston Sirino ahluke kwabanye abadlali abahlaselayo ebholeni lakuleli. 

USirino usesheshe waphenduka intandokazi yabalandeli kwiChiefs ayijoyine ngoJulayi kulandela ukushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns. 

Yize esadlale imidlalo emine kuphela, kodwa amava nobuhlakani bakhe kuyabonakala ukuthi kuzoba nomthelela omkhulu eqenjini. 

UMasilela usehlalule ukuthi okwenza ahluke kwabanye abadlali futhi okumenza ingozi uma eya phambili wukuthi akayena umabhekaphansi.

“Uyingozi ngoba uma ngabe ephethe ibhola uyalivusa ikhanda, abone ozakwabo ukuthi bagebhe ngaphi,” kusho uMasilela exoxa neLisenethini.

“Uma umqaphelile, uzobona ukuthi lamagoli amabili awashayile, uwashaye eqhamuka esiswini, wadlula kubadlali baseswini ebashiya ngemuva.

“Abadlali basemuva bayamhlehlela ngoba uqhamuka bengamlindele futhi uhlakaniphile, uvele aphakamise ikhanda abheke unozinti lapho emi ngakhona bese emshaya.” 

Ngaphezu kukaSirino, uMasilela uqaphele nokuhlangana kwabadlali basemuva oRushwin Dortley no-Inacio Miguel. 

“U-Inacio  Miguel noRushwin Dortely sebeqala ukwazana kangcono, sebeyakwazi ukuqala iminyakazo emuva,” kuqhuba uMasilela.

Uphethe ngokuthi kubukeka kuza kahle eNaturena ngaphansi kukaNasreddine Nabi yize ukhalo luselude phambili. 

IChiefs izophinde iqhuthane amakhizane neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama. 

Ngempelasonto edlule iChiefs ihlambalaze ezikaGavin Hunt izishaya ngo 4-0 emdlalweni womkhumulajezi.