EzintshaOrlando Pirates

Sekuvele okunye okukhathazayo ngoMbekezeli Mbokazi

Njengoba eneminyaka engu-19 nje kuphela, uMbekezeli Mbokazi usehlonishwe kakhulu futhi uthathwa njengethalente eliyingqayizivele, isihlabani okubhekwe lukhulu kuso.

Kodwa isithombe sakamuva esizungeza ezinkundleni zokuxhumana sesiphendule injabulo ngaye yaba ukwesaba.

Abalandeli besaba ukuthi kungenzeka baphinde babone elinye ithalente elimangalisayo libheke ekushabalaleni phambi kwabo.

Lesi sithombe sibonisa uMbekezeli Mbokazi esesimweni ehlezi emotweni. Kodwa okuyikhona okukhathazayo ngakuphethe esandleni azama ukukufihla.

Isandla sakhe sokunxele sibambe ibhodlela lokubukeka sengathi elikabhiya azama ukulifihla. 

Sekuqubule inkulumompikiswano ngalesi sithombe, abanye bebuza ukuthi ngabe lo mdlali osemncane usendleleni eduse abadlali abaningi ngaphambi kwakhe. 

Ukukhathazeka akukhona nje ngesithombe esisodwa; kumayelana nephethini esibonwe kaningi ebholeni lakuleli — lapho abadlali abanethalente begcina bephelela emoyeni ngenxa yotshwala, amantombazane, nokujuxuza.

Sekuqalile ukuqhathaniswa kwakhe no-OJ Mabizela owake waduma kakhulu naye esemncane, kodwa wagcina engafikanga ezingeni ayebhekwe kulo ngenxa yokugqilazwa izidakamizwa. 

Umuzwa wabalandeli ucacile: abakwazi ukuba nomunye u-OJ Mabizela. Ikusasa likaMbekezeli Mbokazi libukeka ligqame kakhulu ukuthi lingayekelelwa lishabalale.

Zibukele lesi sithombe esesisuse ukukhathazeka ngezansi.