
UTito uvuke wazithatha – uyasiqonda isinqumo ‘esimhlazile’
UPatrick “Tito” Maswanganyi uthi ubuye ngamandla ukuze abonise abadlali abasebancane ukuthi awuxhukuli uma ukhishwa emdlalweni – noma ngabe lokho kwenzeka ngasiphi isikhathi.
Lo mdlali wasesiswini we-Orlando Pirates ‘uhlazekile’ ngempelasonto ngesikhathi ekhishwa ngesiwombe sokuqala bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8.
Nokho ubuye ngamandla emdlalweni wangoLwesibili la iPirates beyibhekene khona ne-Orbit College e-Orlando Stadium.
IPirates iwunqobe ngo 1-0 lo mdlalo kanti uTito uqokwe njengoMdlali oVelele ngemuva kokudlala kahle ukusiza iqembu lakhe linqobe.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uthe umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou ukhulumile naye ngesinqumo sokumkhipha emdlalweni odlule.
“Ngibonga uMdali… Ngibonga umndeni wami ongesekile kade ngibhekene nesimo esinzima.
“Ngibonga nabalandeli ngokungifaka umfutho ukuqinisekisa ukuthi ngibuyela esimweni sami nokuthi siyanqoba namuhla.
“Besidlala neqembu elinzima kodwa bekumele siqinise kakhulu ukuze sinqobe ikakhulukazi ngoba sisekhaya,” kusho uMaswanganyi.
“Uthando engiluthola kozakwethu yilo olungigqiqguzelayo. Ngicabanga ukuthi bayazi ukuthi ngizohlezi ngizikhandla ukubalekelela.
“Umdlalo esiwudlale neSundowns bewunzima – kodwa ngisheshe ngakudlulisa okwenzekile ngoba umqeqeshi ukhulumile nami.
“Ungichazelile ngesinqumo asithatha ukuthi bekungesokushintsha amacebo hhayi ngoba kuyinto ebhekene nami ngqo.
“Leso sinqumo sisisizile ukuthi sinqobe umdlalo ngakho namuhla bekumele ngibuye ngamandla.
“Sengikhulile ukuthi ngingaphoxeka ngenxa yezinqumo. Kumele ukhombise ubudoda, ukhombise abadlali abasebancane ukuthi lezi zinto ziyenzeka.
FUNDA NALA | Igidigidi uMofokeng engekho kwelePirates
“Kuyenzeka umqeqeshi athathe isinqumo osibuka sisibi kodwa uthole ukuthi sihle eqenjini – okuhle wukuthi iqembu linqobe.
“Futhi sisonke siyakwazi esikufunayo ngakho akusho lutho ukuthi ubani osenkundleni uma nje sikufeza lokho.”
