
Uyaveva uDikgacoi ngokubalwa kwabalalwa noDipuo
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumdlali weCrystal Palace, uKagisho Dikgacoi, ucasuke ugane unwabu ngezinsolo zocansi ezivezwe usaziwayo uDipuo Moloi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMoloi edalule amagama abadlali bebhola aseke walala nabo ngesikhathi enengxoxo noSjuku noGerald.
UDipuo udalule uhla alubize ngokuthi “Amasoka akhe akudala FC”.
Ngesikhathi sale-podcast, uveze izigigaba zakhe zocansi nabadlali abaningi abehlukene.
“ULebogang Mokoena nguye owaba yisoka lami lokuqala,: kusho yena.
“Ngeke ngithi ngangichazeka abadlali, yimina engangibachaza.”
Uqhube wathi “abayishumi abaphambili” bakhe yilena: uyise wengane yakhe, u-Andile Jali; uLantshene Phalane; uCheeseboy Mokoena; uJoseph Makhaya; uGert Schalkwyk; uJimmy Tau; u-Itumeleng Khune; uSimphiwe Tshabalala; uTsepo Masilela; uKhama Billiat; uKagisho Dikgacoi, noThulani Serero.
I-TshisaLIVE ixhumane noKagisho othe uDipuo ufuna ukunakwa ngokungcolisa amagama abanye abantu.
“Ngagcina ukukhuluma naye ocingweni kudala. Ngangisaqala impilo e-UK,” ucashunwe esho kanje.
“Kungani uveza lezo zindaba manje ngokwazi ukuthi angikaze ngihlangane naye ngokocansi?
“Ubhidliza imishado yabantu ngalezi zinsolo ezimbi. Bonke laba badlali ebalulile banemindeni futhi bakude manje empilweni.
“Ngeke kushiwo okufanayo ngaye ngoba ukhuluma ngomlando.
“Lokhu kuwuphawu lokuphelelwa ithemba ngoba akathuthuki empilweni.
“Kufanele ahlukane phansi negama lami. Angazi ukuthi ukhuluma ngani kuleyo podcast.”
OLUNYE UDABA: Usecele ukukhululwa olobizela iChiefs
Imizamo yokuthola uCheeseboy ayiphumelelanga njengoba engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona.
