EzintshaKaizer Chiefs

Usecele ukukhululwa olobizela iChiefs

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lokhu kushiwo yimenenja kaBasadien, uBasia Michaels, otshele iSABC Sport ukuthi lo mdlali uzimisele ngokujoyina Amakhosi kule sizini.

Ngokusho kukaMichaels, uBasadien uchazele abaqashi bakhe ukuthi ukudlalela iChiefs yithuba akade ayelilifisa. 

IChiefs ifake isicelo sokudayiselwa uBasadien kodwa isicelo sayo sachithwa yiStellies. 

IChiefs ibe seyidlulela kwabanye abadlali njengoba ifuna ozokwengeza emuva kwesokunxele.

URiaan Hanamub waMaZulu okubikwa ukuthi ugaqelwe yiChiefs kodwa leli qembu laseThekwini nalo alifuni ukumdayisa.

Njengamanje iChiefs inabadlali ababili basemuva kwesokunxele uBongani Sam noRushwin Dortley, kanti akucaci noma basamfuna yini uBasadien.

Uma kwenzeka isifiso sikaBasadien sifezeke, kuzobe kungokwesibili ebuyela eGauteng ngemuva kokuyibamba isikhashana kwiMoroka Swallows.

UMichaels ubona bekungaba kuhle ukuthi iStellies icubungule kahle isicelo saMakhosi sokufuna uBasadien.

Ubona kungakuhle lokhu kwazise ilugobile uphondo ngo-Iqraam Rayners noDeano van Rooyen abaye kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngokulandelana kwabo.

“Kodwa ngeshwa impilo ayihambi ngokwezifiso ngaso sonke isikhathi,” kusho uMichaels. 

“Nokho-ke le yinto esisayiphishekela kakhulu nakuba isikhathi singekho ngakithi kodwa sisayisebenza. 

“UFawaaz umazisile umqeqeshi (uBarker) nabaphathi beStellies ukuthi leli yithuba afuna ukulithatha. 

“Angikwazi ukukhuluma ngokuthi uzoba njani uma ehlala (kwiStellies), leyo soyikhuluma sesifike kuyo.”