Ezintsha

UNelson Makamo uyaziphendulela ngendebe ephendulwe ihlaya

UNelson Makamo uhlonishwe ngokunikwa umsebenzi wokuqopha indebe yokuqala ngqa yeBetway Premiership eqanjwe kabusha, nebeyayaziwa ngeDStv Premiership phambilini.

IMamelodi Sundowns yiyo ephakamise le ndebe ngempelasonto edlule ngemuva kokunqoba iligi okwesishiyagalombili kulandelana.

Abadlali beSundowns babe nemibono emihle ngale ndebe, baze bancokola ngokuthi iyasinda ngesikhathi beyiphakamisa begubha impumelelo yabo.

Kodwa-ke, le ndebe isheshe yaba yihlaya, yenziwa nama-memes ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokwethulwa kwayo.

Abaningi bathe ifana nalento ebhenywa ezindaweni zokujuxuza i-hubble bubble, kuyilapho abanye behlekisa ngokuma kwayo. 

KuNelson Makamo, owaziwa ngobuciko bakhe obuhlukene, kuzwele kakhulu lokhu kugxekwa akutholile.

Leli ciko elidabuka eLimpopo lizakhele igama kumazwe ngamazwe ngomsebenzi walo othinta imizwa. 

Eminye yemisebenzi yakhe ithengwe ngabantu abadumile, okukhona kubo u-Oprah Winfrey no-Ava DuVernay.

Ukuqopha le ndebe bekulindelwe ukuthi kube ngesinye isikhathi sokuziqhenya emsebenzini wakhe odumile njengeciko.

“Ukukhuluma iqiniso nje, kuyephulile inhliziyo yami,” kusho uMakamo, ekhuluma ngokushiwo ngale ndebe.

“Ngifake imizwa eminingi ukuqopha le ndebe, manje ukubona abantu beyilulaza ngale ndlela kubuhlugu.”

UMakamo uthe abantu abaningi abakuqondi ukuthi iciko lidlula ebunnzimeni obunjani ngokwemizwa nangokwengqondo uma liqopha into ebaluleke njengalena.

“Ezinye zezinto engizifundile ezibhalwe ngami… zikhombisa unya olubi” kwengeza leli ciko.

Naphezu kwamagama angemahle abhalwe nashiwo ngale ndebe, uNelson Makamo uzwakalise ukubonga kwakhe okujulile kwiBetway ne-PSL ngokwethemba umbono wakhe wobuciko.

“Bakholelwe kimi futhi bethemba umsebenzi wami wezandla, ngisho noma sekukhona wonke lo msindo obukhona,” kusho leli ciko elihlonishwa umhlaba wonke.

“Bavumele bakhulume. Ngiyazi ukuthi lokhu kusho ukuthini, futhi ngimile kulokho,” kusho uMakamo ngesizotha.

Usaziqhenya ngomsebenzi wakhe wobuciko nendawo yawo emlandweni webhola laseNingizimu Afrika.