EzintshaMamelodi Sundowns

UMonnapule Saleng nesethembiso ezinqala kwabeDowns

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala wenze umnyakazo omangalisayo nobungalindelekile esuka kwi-Orlando Pirates. 

Ubekade ebolekiswe kwi-Orbit College ekuqaleni kwesizini kulandela izinkinga abe nazo kwiPirates.

Kodwa kudingeke ukuthi alinde ngaphambi kokudlala kwiSundowns njengoba kade elimele nje. 

Udlale okokuqala futhi waba nomthelela zisuka nje ngesikhathi beshaya iSekhukhune United ngo 3-1 ngempelasonto edlule.

Esuka ebhentshini, uMonnapule Saleng wakhele u-Iqraam Rayners ithuba, lo mgadli wabe esebeka iSundowns phambili ngo 2-1. 

Ephawula ngalo mdlalo wakhe wokuqala, uSaleng ugqamise ukwamukelwa okufudumele okuvela kubalandeli beSundonws nozakwabo abasha.

“Ngifuna ukubonga umqeqeshi, ithimba lakhe nabadlali,” kusho uSaleng. 

“Amlungiselelo abemahle – kusukela ekuziqeqesheni kuze kube semdlalweni futhi kumele ngibonge uMiguel Cardoso onginikeze ithuba lokudlala namuhla.

“Abalandeli bangenze ngazizwa ngamukelekile; sekunesikhathi bagcina ukungibona ngidlala. 

“Ngiyajabula futhi ngiyabonga ukwamukelwa ngabalandeli. 

“Ngithanda nokubonga ukapteni uThemba Zwane nawo wonke umdlali ngokungikhuthaza ejimini.

“Ngifuna ukuqhubeka nokuwina, yilokho kuphela engifuna sikwenze futhi lokho kuyinto ebaluleke kakhulu.” 

Ngemuva kwegoli likaRayners, abadlali bonke bagijime baya kuye beyobhiyoza naye. 

“Ngiyajabula ukukwazi ukufaka isandla kumalagoli amathathu esiwashayile,” kuqhuba yena. 

“Kukhombisa ukuthi kukhona engizokwenzela leli qembu ukuya phambili.”

UMonnapule Saleng kufanele ukuthi manje usebheke ukuqhubeka nokudlala njengoba eseluleme nje.

Kuzobhekwa ngabomvu ukuthi uzophinde alithole yini ithuba uma iSundowns seyibhekene neGolden Arrows. 

Lamaqembu azogadulisana eLoftus Stadium emdlalweni okuzomele iwunqobe ukuze ingazitholi seyisilele kwiPirates.