AmaZuluEzintsha

UModise uchaza okwenza AmaZulu ahluke kule sizini

Ingwazi yeMamelodi Sundowns, u-Teko Modise, usencome indlela AmaZulu FC aqale kahle ngayo le sizini.

Uthi Usuthu lwenza lokho amaqembu amaningi aseThekwini ahlulekile ukukwenza eminyakeni edlule.

Usuthu luqale kahle kakhulu, lwahlulwa kanye kuphela emidlalweni yalo eyisikhombisa yokuqala, kanti njengamanje lisendaweni yesithathu kwilogi.

Umgadli wawo, uThandelwenkosi Ngwenya, naye udlala indima enkulu kule mpumelelo. 

Njengamanje uhamba phambili kwabashaye amagoli kwiPSL njengoba eseshaye ayisishiyagalombili emidlalweni eyisikhombisa.

Ekhuluma nabeHollywoodbets Sports Blog, uModise uncome indlela AmaZulu akhe ngayo iqembu lawo.

“AmaZulu enze lokho amaqembu amaningi, ikakhulukazi aseThekwini, ahlulekile ukukwenza,” kusho uModise.

UModise ukholwa ukuthi ukwethemba u-Arthur Zwane njengomqeqeshi nakho sekuqalile ukuthela izithelo ezinhle.

“Ukuba nomqeqeshi ofana no-Arthur Zwane, onesitayela sakhe esihlukile sokudlala futhi oke wasebenza kwizinkulisa zentsha kwiKaizer Chiefs kuyasiza.

“Uyakuqonda ukubaluleka kokukhulisa abadlali abasebancane,” kuchaza le ngwazi.

Uthi imiphumela isiqala ukuvela ngoba Usuthu selubheke ikusasa.

“Njengoba AmaZulu emethemba, imiphumela manje isiyavela.”

U-Teko Modise ukholwa ukuthi uma Usuthu luqhubeka naleli zinga, lungaphinde lubuyele emiqhudelwaneni yeCaf futhi lube yimbangi yangempela phezulu kwiligi.

AmaZulu agcina ukudlala e-Afrika ngesizini ka-2021/22, ngesikhathi kade eqede endaweni yesibili kwiligi ngaphansi kukaBenni McCarthy.

Abe esedlala kwiCaf Champions League, lapho aqeda khona endaweni yesithathu kuGroup B ngemuva kweRaja Casablanca ne-ES Sétif.