Ezintsha

Uthuse abantu ngenhlamba kumabonakude oweChippa

UMfecane uqokwe njengomdlali ovelele ngemuva kokuthi iChippa ibambane ngo 1-1 neMamelodi Sundowns eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. 

Lo mdlali – oneminyaka engu-24 ubudala – nguye oshaye igoli lokulinganisa kulo mdlalo, kanti ubeyiphela endlebeni odongeni lwasemuva lweSundowns.

Esekhuluma ngemuva komdlalo, uMfecane ubejabule efa, waze wagcina ephunyukwa yigama elingafanele ukukhulunywa kumabonakude. 

“Angiqale ngibonge usihlalo, uMpengesi ngethuba, ngibonge uMdali,” kusho uMfecane.

“Kithina obekubalulekile wukuzilungiselela ngaphambi kokuqala kwesizini, (wabe esefaka inhlamba yesiNgisi)… Ngiyaxolisa ngokusebenzisa lelo gama.

“Kodwa kube wukuzilungiselela, nokuzethemba njengeqembu. Ukudlala nompetha abavikela isicoco akulula neze.

“Kodwa ukuzethemba esinakho, nokusekana esinakho eqenjini… Bekumele sisenze ngokuzikhandla sijabulise abalandeli.”

IChippa beyidonsa kanzima kulo mdlalo futhi kuyiwe ekhefini ilandela ngemuva ngo 1-0, kubukeka iSundowns isazoshaya amanye amagoli.

“Umqeqeshi usikhumbuzile ukuthi kumele sizimisele ngokubekezela, simelane nengcindezi nokuthi ngeke sibe nalo ibhola esikhathini esiningi. 

“Sikwenzile lokho, sicindezelekile esikhathini esiningi somdlalo, sibe namathuba ambalwa, salisebenzisa elilodwa – nakhu manje silitholile iphuzu.”

Uthe ukuthola leli phuzu kubaluleke kakhulu eqenjini njengoba lisaqalwa kabusha ngaphansi komqeqeshi omusha nohlelo olusha lokudlala. 

“Kunohlelo esiluzamayo, lesi kuseyisiqalo. Isinyathelo sokuqala ekwakheni kwethu,” kuqhuba uMfecane.

IChippa izobheka ukwakhela phezu kwalesi siqalo esihle emdlalweni wayo olandelayo – izobhekana neDurban City eThekwini ngoLwesothathu.