
Okushaqisayo okushiwo uNabi kubadlali beChiefs
UNasreddine Nabi ubesekulungele ukwesula njengomqeqeshi weKaizer Chiefs ukube leli qembu lakhe lihlulekile ukufinyelela kowamanqamu kwiNedbank Cup.
IKaizer Chiefs ifinyelele kowamanqamu ngemuva kokuhlula iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowandulela owamanqamu eLoftus Stadium ngeSonto ebusuku.
Kodwa ngokombiko wePhakaaathi, ngaphambi nje komdlalo wangeSonto, uNasreddine Nabi utshele abadlali ukuthi uzosula uma iKaizer Chiefs ihluleka ukufinyelela kowamanqamu.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi bekuyisu lakhe lokufaka ugqozi kubadlali bakhe ukuthi bamlwele ukuze ahlale noma ubeqinisile yini ngalokho.
“Kodwa noma ngabe bekuyini, kumsebenzele ngoba abadlali bakhombise ukuzibophezela okukhulu kulo mdlalo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Umthombo uqhube wathi abadlali sebemjwayele uNabi futhi abafuni ukulahlekelwa nguye yingakho bewakhiphe wonke amangwevu enkundleni ngeSonto.
“Isimo sivele sajika egumbini lokushintshela ngesikhathi umqeqeshi uNabi ethi uzolishiya iqembu.
“Abadlali bashaqeke kakhulu ngesimemezelo sakhe ebesingalindelekile.”
UNasreddine Nabi ujoyine iKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini thwelwe ngeqoma ikakhulukazi ngabalandeli beqembu.
Babekholelwa ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia uzobuyisa izinsuku zenjabulo nodumo kuleli qembu elizinze eNaturena.
Kodwa izinto azihambanga ngokohlelo lukaNabi kodwa iNedbank Cup isiyithemba lakhe lokwenza okuhlukile kunozakwabo abayisishiyagalolunye ngaphambi kwakhe.
IChiefs ayenzi kahle kwiligi, kodwa ke isenalo ithuba lokuwina okuthile kule sizini ngemuva kokufinyelela kowamanqamu kwiNedbank Cup.
Kodwa ukuze bawine le ndebe, kuzofanele baphinde badlale kahle uma sebebhekene ne-Orlando Pirates enavama emidlalweni yezinkomishi.
Lezi ziqhwaga ezimbili zaseSoweto zizohlangana kowamanqamu osulindelwe ngabomvu eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 10.
