EzintshaMamelodi Sundowns

ISimba isayine uDe Reuck, isafuna abanye kwiSundowns

ISimba – eqeqeshwa nguFadlu Davids wakuleli – kubikwa ukuthi ikhuluma neSundowns ngokubolekwa abadlali ababili basesiswini.

Laba badlali efua ukubolekwa bona bavele babukeka bengekho ezinhlelweni zomqeqeshi uMiguel Cardoso njengoba nangesizini edlule bebelithola amacozucozu ijezi.

Sekuvele ukuthi iSimba ibheke ukwengeza umdlali wasophikweni osheshayo nonekhono uThapelo Maseko nojenene wasesiswini uNeo Maema eqenjini layo. 

UMaema, oneminyaka engu-29 ubudala, uthwale kanzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiSundowns futhi uzwakalise isifiso sakhe sokuyozama kwelinye iqembu ngesizini entsha.

ISiwelele FC nayo kubikwa ukuthi ike yakhombisa intshisekelo yokuthola lo mdlali owazakhela igama kwiBloemfontein Celtic.

Kodwa iSimba isebenze ngokushesha ngesikhathi izwa ngokutholakala kwakhe. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, imithombo yeqembu laseTanzania iqinisekisa ukuthi sekuvunyelwene phakathi kwalamaqembu ngokubolekana lo mdlalo ngesizini ka-2025/26.

Lesi sinyathelo sakamuva senza kube nokungabaza ngokubandakanyeka kwakhe kwi-African Nations Championship (Chan) lapho engukaputeni weqembu laseNingizimu Afrika.

Kepha njengoba esethubeni lokudlala kwiCaf Champions League neSimba, ubukeka ezolandela uRushine de Reuck aseuke eChloorkop aye eDar es Salaam.

Kusukela ajoyina iSundowns esuka kwiBloemfontein Celtic ngo-2021, uMaema usehlanganise imidlalo engu-120, waba nesandla emagolini angu-27 – ushaye angu-13, wakha angu-14. 

EkaMaseko nayo kulindeleke icace maduze njengoba kuvela ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka.

NjengoMaema, naye uhalelwa nayiSiwelele FC namanye amaqembu kuleli, kodwa ithuba lokuyodlala iChampions League lingase limhehele eTanzania.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO