
Uthathe iphini ebelingalindelwe muntu uMokwena kwiWydad
– Intatheli yeLisenethini
Umqeqeshi weWydad Casablanca, uRulani Mokwena, useqashe ilungu lesibili lethimba lakhe lokuqeqesha eMorocco.
Lo mqeqeshi obeqeqesha iMamelodi Sundowns, ubuyele eNingizimu Afrika isikhashana ngempelasonto.
Uthe uma esebuyela emuva, wahamba nomakadebona womqeqeshi u-Allan Freese.
UFreese uzojoyina ithimba likaMokwena azosebenza nalo kwiBotola Pro League, ngokusho kombiko weSABC Sport.
UMokwena noFreese banobudlelwano obude obukusukela ezinsukwini zabo bekwiPlatinum Stars, lapho uMokwena aqala khona umsebenzi wakhe wokuqeqesha ezinkulisa zaleli qembu.
Ukwengeza uFreese kusho ukuthi sekunomunye waseNingizimu Afrika ozokwazi ukusiza lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 emsebenzini wakhe wokuqeqesha onzima kunayo yonke aseke wayenza.
USinethemba Badela, osanda kushiya kwiMamelodi Sundowns, naye uyesejoyine uMokwena eMorocco.
UBadela uke waba ngumqeqeshi weqembu leDStv Diski Challenge leSundowns kodwa washiya, waqoka ukulandela uMokwena.
Ngokwemithombo, uFreese akazange ananaze ngesikhathi enikwa ithuba lokujoyina ithimba labaqeqeshi bakaMokwena kwiWydad.
Ithimba likaMokwena lihlanganisa nololonga imizimba kwiSundowns uSibusiso Mahlangu nomhlaziyi uSibusiso Makitla.
OLUNYE UDABA:Â URiveiro uhambela phezulu ngokuzuzwe yiBucs eSpain
Laba bobabili sebehlukene neSundowns kanti kulindeleke ukuthi bathuthele eMorocco maduze.
