EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uhambela phezulu ngokuzuzwe yiBucs eSpain

Iqembu likaRiveiro lichithe amasonto amabili ekhempini eMarbella Sports Resort lapho liphinde ladlala khona imidlalo embalwa yobungani.

“Sekukonke, yebo, ngijabule ngohambo. Bekuyisikhathi sokulungiselela isizini ezoba ngenzima nenemiqhudelwano eminingi,” kusho uRiveiro. 

“Sizamile ukuthatha yonke imidlalo njengomdlalo wamaphuzu amathathu, sazi ukubaluleka kokudlala ibhola lethu… 

“Bakhombise (abadlali bakhe) ibhola esifuna ukulidlala kuyona yonke imidlalo futhi bazinikele ezintweni esifuna ukuzenza njengeqembu. 

“Bekunemiyalelo esifisa bayigciine nsuku zonke, uma siziqeqesha, uma siphumule noma silungiselela umdlalo. Bakwenze ngaphandle kokukhononda. 

“Laba badlali bebesebenza nsuku zonke, ngakho ngicabanga ukuthi sibuyela eGoli sisesimweni esingcono.”

IPirates ibuyele eNingizimu Afrika ngeSonto ngemuva kokuhlala amasonto amabili eSpain, lapho idlale khona imidlalo yobungani emine. 

Emdlalweni wokuqala, idlale ngokulingana ngo 2-2 neqembu lase-England elidlala esigabeni sesibili, iPlymouth Argyle, eqeqeshwa yingwazi yeManchester United, uWayne Rooney. 

Ngemuva kwalokho bamangaze iqembu leLa Liga iSevilla, belishaya ngo 2-0, base bedlala ngokulingana ngo 1-1 neGranada, edliwe yizembe kwiLa Liga ngesizini edlule. 

Emdlalweni wayo wokugcina, iPirates ihlulwe ngo 3-2 ngompetha baseQatar, i-Al Sadd ngoLwesihlanu ebusuku.

URiveiro ugcizelele ukuthi lolu hambo alugxilile emidlalweni kuphela kodwa nasekulungiseleleni isikwati ukuze silungele uhlelo lwemidlalo eminyene. 

“Ukulungisa abadlali ngesikhathi esifushane kungenye yezinjongo zangaphambi kwesizini. 

“Kumele siwaphushe amasonto okuqeqesha afike ezingeni lokuthi uma sesiqhudelana sizizwe sengathi wusuku lokuphumula. 

“Yilokho esikubhekile ngalesi sibalo semidlalo edlalwa ilandelana, sazi ukuthi uhlelo lwango-Agasti luzoba nzima kakhulu kithina, ikakhulukazi njengoba kukhona neChampions League. 

“Mhlawumbe manje sesizilungiselele kakhulu kunakuqala,’’ kusho uRiveiro.

IPirates izoqhudelana emiqhudelwaneni emihlanu kule sizini: iligi, iMTN8, iCaf Champions League, iCarling Knockout, neNedbank Cup.