
USukazi uveza umbono wakhe ngoRamovic ofuna eMorocco
– Intatheli yeLisenethini
Ebuzwa ngemicabango yakhe ngokuthi engase alahlekelwa umqeqeshi wakhe, umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi ukhumbule ukuthi wamthola uSead Ramovic.
Lo mqeqeshi waseGermany oneminyaka engu-45 usezakhele igama ebholeni laseNingizimu Afrika kusukela afika ngo-Okthoba 2021.
Uma kuwukuthi uzobe esekwiGalaxy nangesizini ezayo, uRamovic uzoba ngomunye wabaqeqeshi asebesebenze isikhathi eside eqenjini elilodwa.
Kodwa angase agcine ehambile ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba izikhondlakhondla zaseMorocco iRaja Casablanca kukholakala ukuthi ziyamfuna nje.
IRaja ingase ilahlekelwa ngumqeqeshi wayo owake wacija i-Orlando Piratres, uJosef Zinnbauer ofunwa elidalla kwiSaudi Pro League.
Lokho sekwenze ukuthi iRaja bese ibheke uRamovic njengomqeqeshi ongase athathe izintambo uma kwenzeka uZinnbauer ehamba.
“Ngesikhathi uSead Ramovic efika kwiTS Galaxy, kwaba umsebenzi wakhe wokuqala wokuqeqesha, wayengenarekhodi kulo msebenzi,” kusho uSukazi kwi-iDiski Times.
“Ngamlanda ngoba bengibona ukuthi unethalente, uzowenza umehluko ebholeni lethu.
“Bekunokungabaza futhi ubengaba ‘yi-plumber’ (igama okudelelwa ngalo umqeqeshi ohlulwa umsebenzi kuleli), hhayi umqeqeshi…
“Sasinamaphuzu amabili ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili, sisekugcineni kwilogi.
“Sasingawulwa yizembe futhi ngilanda umuntu ongakaze abe ngumqeqeshi.
“Kodwa ngathi, ‘kungaba yisibusiso ebholeni laseNingizimu Afrika futhi bazongibonga ngokuhamba kwesikhathi’.”
Nebala uRamovic akaphoxanga kuze kube manje. Empeleni kuke kwabikwa ukuthi ubengomunye wabagaqelwe yiKaizer Chiefs ngesikhathi isafuna umqeqeshi.
“Ube negalelo elikhulu ezinhlelweni zethu nasebholeni lethu ngoba ukhiqize abadlali abasezingeni lomhlaba bevela edlinzeni labadlali abebengaziwa.
“Ngakho-ke kufanele ukuthi umqeqeshi ahehe njengoba kwenza uSead Ramovic,” kwengeza uSukazi.
“Uhehe iRaja Casablanca. Mina naye sesiyihlalele amasonto amahlanu kuya kwayisithupha le ndaba, besixoxa ngayo ngoba sisondelene.
“Uma isimo siphoqa ukuthi kumele ahambe ayojoyina iRaja, lokho kufanele kwenzeke.
“Ngithanda ukukholwa ukuthi lokho kuzobe kusabalalisa ibhola lethu emakethe yaseMorocco, akukhona ngeqembu lethu nje kuphela.
“Mina ngokwami, ngizokubusisa ukuhamba kwakhe ngoba ngicabanga ukuthi usithwalile.
OLUNYE UDABA: Uhehwe yini uNabi kwiChiefs ‘efile’? Uyachaza
“(Kodwa) Kuzoba wukulahlekelwa okukhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.”
