Uhehwe yini uNabi kwiChiefs ‘efile’? Uyachaza
– Sibongiseni Gumbi
UNasreddine Nabi usekhombise ukuthi lukhulu eza nakho ngendlela alicija ngayo iqembu lakhe elisha kwiKaizer Chiefs, elungiselela isizini yakhe yokuqala.
Isimo ekhempini yaMakhosi eTurkey sikhombisa ushintsho olukhulu kwindlela okwenziwa ngayo, njengoba abadlali bevuma ukuthi iyashisa impela insimbi ngaphansi kukaNabi.
Ezingxoxweni ezivela kule khempu, abadlali bazwakalisa ukuyithakasela kwabo indlela okwenziwa ngayo izinto, bayibuka njengesinyathelo esidingekayo njengoba bebheke kwisizini enkulu.
Yize uNabi engakakhulumi njengomqeqeshi weKaizer Chiefs kuleli kodwa uveze imicabango yakhe nabezindaba basezweni lakubo, iTunisia.
UNabi ube nempumelelo enkulu kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco ayiqedise endaweni yesibili kwiligi, yalala isibili nakwiTrone Cup ngesizini yakhe yokuqala.
Ngemuva kwesiqalo esikhulu kangaka, bekungaba lula ukuthi ahlale akhele phezu kwale mpumelelo ngokuzethemba okwengeziwe kokuzuza izinto ezinkulu kakhulu ngesizini ezayo.
Kodwa ithuba lokusiza iKaizer Chiefs ukuthi ibuyise udumo lwayo lwakudala libe ngelikhanga kakhulu ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia ubengaliyeka.
“Okungigqugquzele ukuthi ngisayine neKaizer Chiefs ukuxhumana okwenzeka ngesizini edlule ngemuva komsebenzi wami kwiYoung Africans,” kusho uNabi etshela abezindaba baseTunisia.
“Okuphinde kwangikhuthaza ukuthi (iChiefs) iyikilabhu enkulu futhi ethandwa kakhulu eNingizimu Afrika.
“Inengqalasizinda esezingeni eliphezulu kakhulu, kanti nangokuzikhangisa ihamba phambili.”
UNabi uvume izinselelo ezizayo, ebaluka ukwehlelwa yizinga kwakamuva kweChiefs ngenxa yokukhuphuka kwamanye amaqembu njengenselelo yakhe enkulu.
“Ngokokudlala, lehlile kakhulu izinga ngenxa yokukhula kwamanye amaqembu. MMina ngibheke ukufike ngiyibuyisele endaweni eyifanele,” kuqhuba yena.
Ngombono wakhe ocacile nezindlela zokuqeqesha eziqinile, ngokusobala, uNasreddine Nabi uhlose ukubuyisela iKaizer Chiefs isithunzi sayo sakudala.
OLUNYE: UsezobaFohloza kwiSundowns uRomain Folz
Abalandeli beqembu bayilindele ngabomvu isizini entsha, ngethemba lokuthi ubuholi bukaNabi buzovuselela leli qembu abalithanda ukufa.