Ezintsha

UBarker ucasha ngesithupha ngoluka-Adams neDowns

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, usephawule ngemibiko yokuthi uJayden Adams uzojoyina iMamelodi Sundowns. 

U-Adams ushaye igoli iStellies ihlula iStade de Malien ngo 2-0 emdlalweni weCaf Confederation Cup  ngeSonto. 

Lokhu kunqoba kubekisele iStellies indawo esigabeni somkhumulajezi walo mqhudelwano.

Ngalo usuku lo mdlalo, kuvele imibiko ethi u-Adams ngeke esabuyela emuva neStellies njengoba ezosale eseya eChloorkop. 

IStellenbosch yaqale yasenqaba isicelo seSundowns, ifuna ukukhokhelwa ngaphezu kuka-R30 million ngalo mdlali. 

Kodwa-ke, ikilabhu isiwujikile umqondo kulandela ukuthi u-Adams ngokwakhe eveze isifiso sokuyothola inselelo entsha. 

Ngokwemibiko yakamuva, iSundowns neStellenbosch sebevumelene ngemali yokudayiselana. 

Sekusele ukuthi iSundowns ivumelane ngemihlomulo neminye imibandela nomdlali, bese kuqedwa konke. 

“Ngeke ngiqinisekise noma ngiwuphike umbuzo wakho (wokuthi bekuwumdlalo wokugcina ka-Adams kwiStellies).

“Angikwazi ukuqinisekisa lutho futhi ngeke ngikuphike,” kusho uBarker ngemuva komdlalo obuseLoftus Stadium. 

Uqhubekile waphawula ngokuthi iStellies ibheke ukuliqinisa iqembu layo njengoba kuvulwe iwindi ngoba bayazi amaqembu amakhulu asazobachutha kubadlali. 

“Siyikilabhu ezihlela kahle, siyikilabhu eliqondayo ibhizinisi lebhola.

“Siyaqonda ukuthi kunezikhathi lapho abadlali bakho abahamba phambili kungeke kube lua ukubagcina,” kuqhuba uBarker.

“Ngakho-ke kusenza sizibophezele ngokwengeziwe futhi sigxile kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi sithola ithalente elifanele ukuqhubeka nokwenza iqembu liqine.

“Uma ubheka iwindi likaJanuwari, amafasitela amathathu okugcina, ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu. 

“Angiboni ukuthi kungani leli windi lingahluka kulokho.”