Ezintsha

Usoseshini ufuna uphenyo ngonozinti odlisele iLibya

I-Libya Football Federation (LFF) isiyalele ukuthi kubuyekezwe ukudlala kukanozinti wayo ngemuva kokuthi iqembu layo lidlale ngokulingana ngo 3-3 neCape Verde ngoLwesithathu.

Lona kube wumphumela odale ukushaqeka eTripoli futhi waqeda ngamaphupho alelizwe okuya eNdebeni yoMhlaba okokuqala.

Unozinti uMurad Al Wuheeshi, wenze amaphutha amabili ashiye abalandeli beshaqekile nozakwabo bekhungathekile.

I-Mediterranean Knights ibingene kulo mdlalo igcwele ithemba futhi inamaphupho amakhulu. 

Ukunqoba ekhaya bekuzobeka iLibya ethubeni lokungena emidlalweni yesigaba sesibili sokuhlungela ukungena eNdebeni yoMhlaba ngokuqeda endaweni yesibili eqoqweni layo. 

Kodwa esikhundleni salokho, ubusuku buvele baphenduka baba muncu. ILibya iwuqale kahle umdlalo, yahamba phambili ngomzuzu wokuqala ngegoli elibe umkhonto ogwaza ekhaya.

ICape Verde ilinganise ngomzuzu ka-29, kodwa iLibya yaphinde yahamba phambili ngomzuzu ka-42, yaya ekhefini ihamba phambili ngo 2-1.

Iphinde elinye igoli kwaba ngu 3-1 ekuqaleni kwesiwombe sesibili. Kungaleso sikhathi ke lapho izinto zijike zaba muncu khona.

Unozinti wenze amaphutha amabili abucayi asize iCape Verde ibuye kulo mdlalo, futhi iphume nephuzu elibalulekile kuyo. 

Kwelinye lamagoli i-LFF ekhala ngawo, u-Al Wuheeshi, unozinti oyisethenjwa se-Al Ahli Benghazi, wehlulekile ukubamba ibhola ebelibukeka lilula, lawela kumgadli obe eselibeka enethini. 

Sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele, kuphinde kwavela enye inhlekelele kwiLibya. 

Ibhola ebelikhahlelwe laqonda ku-Al Wuheeshi uvele walitatazelela, lazishayisa esandleni qede layokhalakathela enethini kwaba ngu 3-3. 

I-LFF ayichithanga sikhathi ngemuva komdlalo, yamemezela uphenyo olusemthethweni ngalo mdlalo nendlela u-Al Wuheeshi adlale ngayo.