EzintshaMamelodi Sundowns

UKekana ufuna bayidle ngamaphutha ayo iChiefs

Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, uyazi ukuthi kushipha ukotshi uma bebhekene neKaizer Chiefs. 

Ugcizelele isidingo sokusebenza ngokuphindiwe ukuvala emuva. Amakhosi ayingozi uma ehlasela kule sizini. 

Ashaye amagoli amathathu emdlalweni wawo wokugcina ebhekene naMaZulu.

UKekana ukholwa ukuthi amaphutha yiwo azonquma umphumela walo mdlalo weBetway Premiership oseFNB Stadium ngoMgqibelo. 

“Iqembu elizokwenza amaphutha amancane, yilo elizowina,” kusho uKekana. 

Ugcizelele ukunciphisa amaphutha nokusebenzisa amaphutha eChiefs ukuthola umphumela kulo mdlalo. 

“Kudingeka sizikhandle,” kusho uKekana ngokuzethemba. “Kuhle ngoba abagadli bethu sebeqalile bashaya amagoli manje. 

“Ekuqaleni kwesizini, sakhe amathuba amaningi kodwa asizange sikwazi ukushaya amagoli. Baphikelelile, futhi manje sebeyayishaya inethi.”

Ukuvumile ukuthi iChiefs isimandla kakhulu manje uma ihlasela kanti uGaston Sirino unesandla ekuvuselelekeni kwayo. 

UKekana uwazi kahle amandla kaSirino kusukela ngesikhathi bendawonye kwiSundowns. 

“Uyingozi kakhulu,” kuphawula uKekana ngoSirino. “Siyakwazi akwazi ukukwenza. Kufanele siqaphele.”

IChiefs inabo nabanye abadlali abayingozi uma kuyiwa phambili. URanga Chivaviro noMduduzi Shabalala basefomini futhi bayingozi. 

“UChivaviro wenza kahle, futhi umfana omncane, uShabalala, naye uyamangalisa,” kwengeza uKekana. 

Ulindele impi enzima ngoMgqibelo. ISundowns ilungiselela ukubhekana nokuhlasela kweChiefs okusheshayo. 

“Sifuna ukubavimba,” kusho uKekana. “Lokho kuyinto esizoyihlela. Ngethemba ukuthi sizokwenza kahle.”

Nakuba kusesekuqaleni kwesizini, ingcindezi isivele iyakhula. Wonke amaphuzu abalulekile emjahweni wesicoco. 

Womabili la maqembu aqale kahle futhi afuna ukuqhubeka nalowo mfutho. 

“Kumele sibambe umgqogqo,” kuqhuba uKekana. “Asikwazi ukuqhuzuka manje.”

Umbango phakathi kweSundowns neChiefs wenza kube nesasasa njalo uma lamaqembu ehlangana. Abalandeli balindele umdlalo ojabulisayo. 

Lo mdlalo wangoMgqibelo uzovivinya womabili amaqembu njengoba enezifiso ezinkulu ngale sizini.

 ISundowns ifuna ukugcina isicoco sayo nokubusa kwayo kwiPremiership, kanti iChiefs ihlose ukukuqeda konke lokho.

Njengoba uSirino neChiefs besefomini enhle, iSundowns kumele ibe sezingeni eliphezulu, ngokusho kukaKekana. 

“Siyazi ukuthi sibhekene nani,” kuphetha uKekana. “Sizobe sikulungele.”