
USono ngowePirates: Ningaqhathanisi indlovu nentuthwane
- Intatheli yeLISENETHINI
UPatrick Maswanganyi usebe ngumdlali ovelele kwi-Orlando Pirates amasizini amabili kulandelana.
Abalandeli bayamthanda futhi ukudlala kwakhe kulamasizini kubachazile abalandeli.
Ngesizini edlule ushaye amagoli angu-10, wakhela nozakwabo angu-12 emidlalweni engu-40.
Lokhu kwenze waqokwa njenge-PSL Players’ Player of the Season, okuyindondo avotelwe kuyo ngabanye abadlali.
Manje, usenikwe unombolo 10 kwiCaf Champions League, okuyinombolo enomlando omude hhayi nje kwiPirates kuphela, kodwa ebhleni jikelele.
UJomo Sono, oyinkakha yePirates, usanda kuveza umbono wakhe ngoMaswanganyi nale nombolo aseyithwala.
Ekhuluma ngesikhathi kwethula abaxhasi beJomo Cosmos, uSono – okunguye le nombolo eyayekwa ukumhlonipha kwiBucs – ugeqe amagula.
Uncome uMaswanganyi kodwa waxwayisa ukuthi engaqhathaniswa nezinkakha zakudala zeqembu.
“Ayikho inkinga ngokuthi athathe unombolo 10,” kusho uSono.
“Kodwa ukumqhathanisa nami noma nabanye abangaphambi kwakhe akulungile futhi kuwukutatazela.”
USono ube eseveza isikhathi la uMaswanganyi avele washaya umjiko ongenasidingo ebuyela ngasepalini lePirates.
“Ngambona edansa phezu kwebhola, ebheke epalini langakubo ngavele ngashintsha isiteshi ngabuka ibhola lase-England.”
USono, owayaziwa ngawo umjiko, uchaze ukuthi yena owakhe wawuhlezi unenhloso yokusiza iqembi lihlasele.
“Ngangibajabulisa abalandeli, kodwa ngangingajiki ngibheke ngakithi. Ngangazi kumele umjiko usize iqembu.”
Uphinde wagcizelela eyokuqhathaniswa kwabadlali bakudala nabamanje, ethi kufaka ingcindezi engenasidingo.
“Ningamqhathanisi nami njengoba nenzile ngabanye phambilini qede baphelelwa ushatini.
“Ngeke uqhathanise indlovu nentuthwane. Lo mfo (ezikhomba yena) wayeyindlovu.” USono ube esebheka nomlando ohambisana nale nombolo. Ngesikhathi esadlala, abalandeli babehlala kuze kuphele umdlalo.
Uthi lokhu kungoba babazi ukuthi engajika izinto noma nini ngomnyakazo owodwa nje. Babekholelwa kuye.
Uthi yileso isisindo esihambisana nonombolo 10. Yize emhlonipha uMaswanganyi, kodwa ube nesixwayiso ngaye.
“Muhle kakhulu futhi umfanele unombolo 10 kwiPirates. Myekeni abe yinto ayiyo, ningamqhathanisi nami.”
Eqenjini lakhe iCosmos, akekho umdlali owake wagqoka lenombolo kusukela yayekwa uyena.
“Akekho emfanele,” ukuchaze kanje ukuthi kungani inganikwa muntu.
