
Icala leDurban City lithatha igxathu elisha – lisekude ukuphela
Kusazothatha isikhathi ukuthi icala i-Durban City yazi ukuthi inqompetha beMotsepe Foundation Championship noma cha.
Lokhu kulandela ukuthi icala ebekwe lona lokusebenzisa umdlali ongabhalisiwe ngendlela efanele selithathe elinye igxathu.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi lolu daba selufakwe kwiSafa ukuze kube yiyo elixazululayo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-PSL Dispute Resolution Chamber (DRC), eholwa nguRaymond Hack, ilichithile icala lokuqala ebelifakwe yiJDR Stars.
IStars isole i-Durban City ngokusebenzisa umdlali ongafanelekile – uSaziso Magawana – emidlalweni yayo kule sizini.
ICape Town Spurs ngokuhamba kwesikhathi nayo ifake elayo icala ngomdlali ofanayo.
Ikhala ngokuthi i-Durban City akumele ibekwe njengompetha balesi sigaba ngoba ayihambisanga izinto ngendlela efanele.
Ikholwa ukuthi incwadi ekhulula uMagawana yakhishwe ngokungalungile futhi kwenziwa yiqembu elingafanele.
UMagawana ubedlala kwiMarumo Gallants ngaphambi kokujoyina i-Durban City kule sizini.
IGallants ibe seyithenga isitifiketi seMoroka Swallows, yadayisela iLeruma United esayo.
I-JDR Stars neSpurs bathi iLeruma United, hhayi iGallants, obekufanele ikhiphe le ncwadi evumela uMagawana ukujoyina elinye iqembu.
Nokho iPSL DRC ikhiphe isinqumo esivuna i-Durban City ngoLwesibili, kodwa kwasala icala leSpurs.
Kuvela ukuthi iSpurs icele umahluleli wePSL, uRaymond Hack ukuthi ahoxe ekulaleleni lei cala layo, ngokubika kweSABC Sport.
Esikhundleni sokuqhubeka nenqubo yePSL, iSpurs ikhethe ukuluyisa ngqo kwiSafa lolu daba.
ISafa kumele manje ibuyekeze icala bese ikhipha isinqumo ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yokuhlunga ngesonto elizayo.
Uma iSafa ivuna iSpurs, iDurban City ingase iphucwe amaphuzu ewtahole emidlalweni edlalwe uMagawana.
Umphumela onjalo ungashintsha ukuma kwelogi yeMotsepe Foundation Championship.
