EzintshaKaizer Chiefs

USirino ucacisa ngakusayinelwa yiChiefs

UGaston Sirino usevume ukuthi walandelwa ukuzothwala iKaizer Chiefs, afake nomoya wokusebenza ngokuzikhandla kuleli qembu. 

Selokhu efikile lo mdlali kuMakhosi, esuka kwiMamelodi Sundowns, ubonakala eza kahle kakhulu, futhi usenamagoli amabili emidlalweni emine. 

Nguye ovule inkundla beshaya iSuperSport United ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout ngempelasonto. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, uthe bekungewona umdlalo olula lona yize benqobe ngamagoli amaningi.

“Umdlalo bewunzima kakhulu. ISuperSport beyidlala kahle, ikakhulukazi emizuzwini engu-30 yokuqala… bekunzima impela. 

“Kodwa bekumele silokhu siyincenga, futhi sidlale kahle ngemuva kokuthola igoli lokuqala,” kusho lo mdlali odabuka e-Uruguay. 

Uthe ukudlala kwiChiefs kusho ukuhlezi befaka amandla aphelele ukuqinisekisa ukuthi bayanqoba kuyo yonke imidlalo. 

Uvume nokuthi wasayinelwa ukuthi azothwala iqembu, asize ekujikeni izinto ngokuba yisibonelo esihle. 

“Kuwumthwalo omkhulu ukudlalela iKaizer Chiefs, kodwa ngilapha ukuzosiza iqembu (libuyise isithunzi),” kuqhuba yena. 

“Ngicabanga ukuthi nokujika kwendlela yokucabanga (ngaphansi kukaNasreddine Nabi) kuyinto ebalulekile kithi sonke ngoba manje sesilwena ukunqoba kuyo yonke imidlalo.”

Emidlalweni emine iChiefs isahlulwe kowodwa futhi kulowo mdlalo yayibhekene neqembu likaSirino lakudala iMamelodi Sundowns. 

“Ngicabanga ukuthi ngesikhathi sibhekene neSundowns kwakumele sishaye amagoli athe xaxa, kodwa ke ibhola leli. 

“Manje sekumele sidlulise lo mdlalo obunzima ebesibhekene kuwo neSuperSport, sibheke phambili.” 

USirino ubekhuluma ngaphambi kokuqhathwa kwemidlalo yomzuliswano wesibili kwiCarling Knockout la beqhathwe khona neSundowns.

Nokho okwamanje izingqondo zabo kusazomele zibe semidlalweni elandelayo, kuqala ngoweligi abazobhekana kuwo neSuperSport ngoMgqibelo.