Ezintsha

UTruter uthembisa u-‘alubhadwa’ eKing Zwelithini

Inkundla yasekhaya yeRichards Bay FC, iKing Zwelithini Stadium, eseMlazi, izophenduka u-alubhadwa, ngokusho komqeqeshi waleli qembu. 

UBrandon Truter, ongumqeqeshi weRichard Bay uthi alikho iqembu elizophuma lijabule kule nkundla kule sizini. 

Ekhuluma neLisenethini ngoMsombuluko, uthe amaqembu azobavakashela kule nkundla azobe ezoshiya umnikelo wamaphuzu emidlalweni yeligi, noma abe wumhlatshelo kweyendebe.

“Iqembu elizozobhekana nathi kule nkundla kumele lazi ukuthi kuphunywa ngokushiya umnikelo wamaphuzu amathathu.

“Uma kuwukuthi kunzima kakhulu, sebengashiya elilodwa. Kodwa alikho elizophuma namathathu,” kusho uTruter. 

Ubekhuluma ngokuzethemba nje kumfanele kulandela ukuthi ebhulise iSekhukhune United amazolo kwiCarling Knockout ngeSonto ebusuku. 

IRichards Bay inqobe ngo 1-0 kuleli qembu laseLimpopo elithakwe ngezihlabani zabadlali abanamagama cishe kuzo zonke izindawo. 

“Uma ngabe ukhumbula, umdlalo wethu wasekhaya neTS Galaxy sawunqoba, saphinda sadlala ngokulingana neRoyal AM ekhaya. 

“Sahlulwa yi-Orlando Pirates, saphinde sahlulwa yiChippa United ekuhambeni,” kwengeza lo mqeqeshi idabuka eKapa.

Ukuthi ngabe kuzohamba ngamazwe kaTruter ngampela yini kuzocaca ngoMgqibelo uma iqembu lakhe selamukela iStellenbosch FC kule nkundla.

“Umdlalo wethu neStellenbosh uzoba ngumdlalo onzima ngoba sifuna ukuqala ngawo umkhankaso wethu wokungahlulwa eKing Zwelithini,” kusho uTruter.

KwiCarling Cup, iRichards Bay iqhathwe neCape Town City emdlalweni womzuliswano wesibili. Usuku lwalo mdlalo lusazomenyezelwa yiPSL.